
UMNYANGO wezaseKhaya usunike izakhamizi kuze kube wumhla ka-6 kuNhlangulana (June), ukuba ziveze uvo lwazo mayelana nemigomo oyihlongozayo ubuyekeza umthetho i-Identification Act (2002), ezokwenza kuqalwe uhlelo lomazisi abazoba komakhalekhukhwini.
Ngokusho kwalo mnyango, basazoqhubeka nokusebenza omazisi abangamakhadi, noma abayibhukwana eliluhlaza, kodwa lona okamakhalekhukhwini uzokwenza kube lula ukuthi umuntu aqinisekise ukuthi ungubani, ngokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje. Ngokohlelo oluhlongozwayo, laba omazisi abasha, kuzofinyeleleka kalula kubona ngokungena kwi-app, iMyMzansi, kanti bazovuselelwa njalo emuva kweminyaka eyisihlanu.
Kuthiwa bazosebenziseka nge-QR Code, iWi-fi neBluetooth. UNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya, uMnu Leon Schreiber, uthi lokhu kungesinye sezinyathelo zomnyango wakhe, okuwenza uhambisane nokushintsha kwezikhathi, ukuze izidingo zomphakathi zifinyelele kakula kuwona. Uveze ukuthi kulolu hlelo kuzoqinisekiswa ukuthi imininingwane yabantu iyavikelwa.
“Lolu hlelo luzosiza kakhulu ekulweni nokwebiwa kwemininingwane yabantu (identity theft), inkohlakalo, ubugebengu obuthinta imali nenkinga yabantu abangena ngokungemthetho ezweni,” esho.
Uthe umnyango wakhe usebenzisana neminye ukuze kuphuthunyiswe ukusetshenziswa kobuchwepheshe besimanje ezikhungweni zomphakathi.
OKUNYE OKUMELE UKWAZI NGALOLU HLELO:
- Umnyango uthi ukwenza labo mazisi besimanje nokubavuselela kuzokuba mahhala emahhovisi omnyango.
- Ukubavuselela kuzokuba lula, uzobukwa nje kuphela yi-camera, iqinisekise ukuthi nguwena. Akuzukuba khona maphepha owagcwalisayo, futhi ngeke ubambe ulayini.
- Akuyona impoqo ukuba nomazisi kamakhalekhukhwini
- uMnyango uzokuthumelela imiyalezo, ukukhumbuze ukuwuvuselela uma ususalelwe yizinsuku eziwu-90.
- Imibono umphakathi ungayiletha ngesandla ku-10th Floor, Hallmark Building, 230 Johannes Ramokhoase Street, Pretoria, 0001; ngeposi: kuPrivate Bag X114, Pretoria, 0001; noma nge-email ku-Moses.Malakate@dha.gov.za







