Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 Ithuba eliyingqayizivele kwethulwa ikhwaya yaseKZN

Ithuba eliyingqayizivele kwethulwa ikhwaya yaseKZN

by | 3 April 2025

KUBHEKWE ukuthi ibe yisikhungo sokuqeqesho nokuthuthukisa abaculi ikhwaya yaKwaZulu Natal okulindeleke ukuthi kwenziwe inhlokhono yokuthungatha abazoba yingxenye yayo ngasekupheleni kwale nyanga.

Le khwaya ebizwa ngokuthi Udumo KZN Choir yethulwe ngokusemthethweni eHilton Hotel eThekwini ngoLwesine lapho kuvele khona ukuthi izoshintsha izinto emculweni wakulesi sifundazwe.

Ekhuluma nabezindaba nezicukuthwane omunye wabasunguli bale khwaya uSakhile Thenjwayo uthe bakhethe ukuyisungula ngenhloso yokufukula ithalente nokunikeza abantu abasha ithuba lokuzibonakalisa.

Uthe le khwaya izofana nenkampani njengoba konke kuzokwenziwa ngendlela esemthethweni futhi nalabo abazothathwa kuyona bazonikezwa izinkontileka abazosebenza ngaphansi kwazo.

Uqhube ngokuthi enye inhloso yale khwaya wukuxosha ikati eziko kulabo abazobe beyngxenye yayo.

Uthe inhlolokhono yokuthangatha abazoba yingxenye yayo izoba ngomhla ka-30 kwephezulu eThe Playhouse eThekwini. “Nakuba le khwaya kuzoba ngeyaseKZN kodwa sikuvulile ukwamukela noma ngubani oqhamuka eNingizmu Afrika,” kusho uZolani Mkhize ongumqondi womculo kule khwaya.

Uchaze uhlobo lomculo wale khwaya njengozogaba kakhulu ngesitayela sabantu abasha abazifela ngomculo onomfutho. Uthe nakuba bezogxile emculweni wokholo kodwa ngeke bazibophezele kulolo hlobo kuphela.

“Engingakusho wukuthi sifuna ukwenza into ezoba sezingeni lomhlaba ngoba asifuni le khwaya igcine eNingizimu Afrika kuphela kodwa ikwazi ukumenywa naphesheya kwezilwandle,” kusho yena.

Uthe ngenxa yokuthi wonke umuntu oyingxenye yayo uzobe enenkontileka bazokuqaphela ukuthi akekho umculi ozithola exhaphazeka.

“Sizobaqeqesha abaculi bethu bangagcini ngokukwazi ukucula kuphela kodwa nokuziphatha nokuphatha imali,” kuchaza uThenjwayo ongelona ivukane emculweni njengoba engumsunguli welinye iqembu lomculi Umlazi Gospel Choir.

UZolani naye usemnkantshubomvu emculweni njengoba eseke wasebenza nenqwaba yabaculi futhi wathuthukisa nabanye abaculi asebenegama kuleli.

Le khwaya kubhekwe ukuthi iqophe izingoma ezintsha futhi ikhiphe ne-abhamu yayo ukuze ikwazi ukuzimela emculweni.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...