Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ikhomishini yamalungelo abantu iphenya ngesigameko sesisebenzi seSABC

Ikhomishini yamalungelo abantu iphenya ngesigameko sesisebenzi seSABC

by | 10 January 2025

IKHOMISHINI yamalungelo abantu, iSA Human Rights Commission (SAHRC), eWestern Cape isiqale uphenyo ngezinsolo zokucwasa ngokobuhlanga esigamekweni esenzeke endizeni yakwaFlySafair ngenyanga edlule.

Lesi sigameko esasusa ukukhuluma nasezinkundleni zokuxhumana sibandakanya isisebenzi seSABC uNobuntu Mkhize, lapho ayesusana nezisebenzi zasendizeni, waze wakhuluma inkulumo ‘elumelayo’ ngamaKhaladi.

Lokhu kuza ngemuva kokuba iqembu iPatriotic Alliance lifake isikhalazo kwiSAHRC. Khonamanjalo neDA ivulele uNobuntu icala lokudicilela phansi isithunzi nelokushaya.

Ngokombiko weTimes Live, inhloso yeSAHRC yokungenelela wukulwa nokucwasana kwabantu.

“I-SAHRC ikhathazekile ngokuqhubeka kwezigameko zokucwasana ngokobuhlanga, ikakhulu njengoba izwe libungaza iminyaka ewu-30 yenkululeko.

“Siyazigxeka kakhulu izigameko zokucwasana futhi siyaqonda ukuthi kakulula ukubhekana nezigameko zalolu hlobo,” kusho le khomishini esitatimendeni.

Ezisematheni

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

Uzothunwa ngomgqibelo uMosioua Lekota

UZOFIHLWA ngoMgqibelo, eBloemfontein, owaba ngomunye wabasunguli beCongress of the People (COPE), uMnu Mosioua "Terror" Lekota. ULekota, ushonele esibhedlela esiseGoli ngesonto eledlule, ngemuva kokuxinwa yisifo somdlavuza. Uke waba nguNgqongqoshe wezokuVikela...

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

Umdlalo weshashalazi ngeSilo uCetshwayo eThekwini

NGUJERRY Pooe, ongumbhali nomqondisi wemidlalo yeshashalazi. UZOVULELEKA kubafundi nasemalungwini omphakathi umdlalo weshashalazi okhuluma ngeSilo uCetshwayo, obizwa ngeKing Cetshwayo The Musical, okulindeleke ukuba uqale ukukhonjiswa eThe Playhouse, eThekwini,...