Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ikhomishini yamalungelo abantu iphenya ngesigameko sesisebenzi seSABC

Ikhomishini yamalungelo abantu iphenya ngesigameko sesisebenzi seSABC

by | 10 January 2025

IKHOMISHINI yamalungelo abantu, iSA Human Rights Commission (SAHRC), eWestern Cape isiqale uphenyo ngezinsolo zokucwasa ngokobuhlanga esigamekweni esenzeke endizeni yakwaFlySafair ngenyanga edlule.

Lesi sigameko esasusa ukukhuluma nasezinkundleni zokuxhumana sibandakanya isisebenzi seSABC uNobuntu Mkhize, lapho ayesusana nezisebenzi zasendizeni, waze wakhuluma inkulumo ‘elumelayo’ ngamaKhaladi.

Lokhu kuza ngemuva kokuba iqembu iPatriotic Alliance lifake isikhalazo kwiSAHRC. Khonamanjalo neDA ivulele uNobuntu icala lokudicilela phansi isithunzi nelokushaya.

Ngokombiko weTimes Live, inhloso yeSAHRC yokungenelela wukulwa nokucwasana kwabantu.

“I-SAHRC ikhathazekile ngokuqhubeka kwezigameko zokucwasana ngokobuhlanga, ikakhulu njengoba izwe libungaza iminyaka ewu-30 yenkululeko.

“Siyazigxeka kakhulu izigameko zokucwasana futhi siyaqonda ukuthi kakulula ukubhekana nezigameko zalolu hlobo,” kusho le khomishini esitatimendeni.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...