
KUNXUSWA abazali ukuba baqaphe izimpawu ze-rotavirus njengoba kunemibiko yokukhula kwesibalo sezingane ezihaqwe yilokhu kugula. INational Institute for Communicable Diseases (NICD) ithi lokhu kugula kungadala ukukhishwa yisisu, esingabukeka njengesejwayekile kepha sigcina siholele ekupheleni kwamanzi emzimbeni okungaba yingozi, kube wukuphalaza nemfiva.
Le nhlangano ithi ekuqaphelekayo wukuthi lokhu kugula kusabalele eNingizimu Afrika yonke, kodwa isibalo esiphezulu sisePretoria nokulapho kubikwe khona ukushona koyedwa. “Sigqugquzela bonke abazali ukuba bagomele izingane zabo i-rotavirus nokuthi baqhubeke nokuncelisa ibele ebantwaneni noma babaphuzise iglucose (okungamathisipuni awu 6 nohhafu wethisipuni kasawoti emanzini angangelitha) ezinganeni ezibukeka zinezimpawu zohudo.”
USolwazi uNicola Page weNICD uthi lokhu wukugula okwejwayelekile ezinganeni okuqhamuka ngezikhathi ezithile zonyaka ikakhulu ngesikhathi samakhaza. Uthi izingane zihlaselwa wuhudo mhlawumbe kanye noma kabili ngonyaka. “Izimpawu kuba wukuphalaza esithubeni, kulandelwe uhudo olungadala ukuphela kwamanzi emzimbeni. Ezinye iziguli ziba nemfiva, konke lokhu kungaholela ukwehla kwelukuluku lokudla, ukuphelelwa amandla nobuhlungu besisu,” esho.
Abazali kumele baqaphe lapho ingane ikhala kepha zingaphumi izinyembezi, inomlomo owomile, isebenzisa amanabukeni ambalwa noma kushintsha indlela eziphatha ngayo noma elala ngayo. USolwazi uPage uthi kokunye kuyenzeka ukuphela kwamanzi emzimbeni kube yingozi, kuholele ekufeni – ingane kumele iphuthunyiswe esikhungweni sezempilo.
Eqhubeka uthi ukwanda kwesibalo sezingane ezihaqwe yilokhu kugula kunokwenzeka ukuthi kudalwa wukungagonywa kwazo noma lezo ezixabene ezingaphathwanga kahle wukugoma. Kunxuswa abezinkulisa nezikole ukuba baqinisekise ukuwasha izandla ikakhulu ngemuva kokushintsha ingane inabukeni. Kanti nezingane ezifika enkulisa zikhishwa yisisu kuthiwa kumele ziphindiswe ekhaya noma zingahlanganiswa nezinye ngoba irotavirus ibhebhetheka kalula uma ike yafika endaweni.







