Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Isexwayiso sokugcina ngamaNumber Plate amasha eKZN

Isexwayiso sokugcina ngamaNumber Plate amasha eKZN

by | 27 November 2025

UMNYANGO wezokuThutha KwaZulu-Natal, usunxuse abashayeli bezimoto ukungalindi amathonsi abanzi, njengoba ngeSonto kuwusuku lokugcina lokushintshela kuma-number plates amasha.

Baningi abantu emigwaqweni yesifundazwe abasashayela izimoto ezinezinombolo ezindala, kanti umnyango wexwayisa ngokuthi abazotholakala nazo kusukela ngesonto elizayo, bazokube bephula umthetho iNational Road Traffic Act.

NgoZibandlela (December) ka-2023 umnyango wethule uhlelo lwama-number plates amasha esifundazweni, njengoba bewufuna uhlelo lwamapuleti lwakulesi sifundazwe luhambisane nolukazwelonke. Kusukela lapho, izimoto ezintsha bese ziphuma nama-number plates amasha, kwathi labo abanezimoto ezindala banikwa ithuba lokushintsha uma beyozithelela.

Labo abanama-number plates abazikhethele wona (personalised), okwabo wukuya ezitolo eziwadayisayo, bathenge amasha, amhlophe, abhalwe ngombala oluhlaza sasibhakabhaka, futhi anophawu no-ZN ekugcineni.

UNgqongqoshe uMnu Siboniso Duma (osesithombeni) unxuse labo abangakashintshi, ukusebenzisa lezi zinsukwana ukuphuthuma ezikhungweni ezifanele, bawashintshe.

“Okwamanje asikho isinqumo sokuthi kuzolulwa izinsuku ngoba uhlelo lolu oseluneminyaka luqalile. Abantu banikwe iminyaka emibili ukuzilungiselela,” esho.

Bekungakacaci ukuthi inhlawulo izokuba ngakanani, nokuthi sizokuba khona yini isikhathi somusa (grace period), esiyizinsuku eziwu-21 uma kuphele isikhathi se-disc yemoto. UDuma ubelokhu ecashunwa emithonjeni yabezindaba, ethi abephula lo mthetho “bazohlawuliswa kanzima”.

Kwenzeka lokhu nje, ngoMsombuluko bekumele kuqale ukusebenza komthetho i-Administrative Adjudication of Road Traffic Offences (AARTO), ogcine uhlehliselwa uNtulikazi (July) wonyaka ozayo, ngenxa yokuthi izisebenzi zomnyango bezingakaqeqeshwa ngokwanele, nabashayeli bebengakachazeleki kahle ngalo mthetho.

Ngokohlelo lwalo mthetho, abashayeli bazogcina bephucwa izincwadi zokushayela uma sekuhlangene inani elithile lamaphuzu, abawanikwayo ngokwephula imithetho yomgwaqo.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...