Ilanga News
Home 9 Featured 9 UNtuli unethemba ngomkhandlu wokulwa nobugebengu KwaZulu Natal

UNtuli unethemba ngomkhandlu wokulwa nobugebengu KwaZulu Natal

by | 6 May 2025

UNDUNANKULU waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli uveze ukuthi usuqalile ukuvuna izithelo umkhandlu ohlanganisiwe wokulwa nobugebengu nokuqinisekisa ezokuphepha kulesi sifundazwe.

UNtuli onguSihlalo walo mkhandlu obizwa ngeCouncil Against Crime uveze lokhu ngesikhathi uhlangene eMayville ngoLwesibili kukhona zonke izinhlaka zezokuphepha noNgqongqoshe beminyango eyahlukene esifundazwe.

Lo mkhandlu owethulwe ngokusemthethweni ngoNovember nyakenye ubuhlangane okokuqala ngemuva kwamaholidi ePhasika kanti lona bekuwumhlangano wesithathu kusukela wasungulwa.

Evula lo mhlangano uNtuli uqale ngokubonga amalungu alo mkhandlu abenkanise ezindaweni ezahlukene ngesikhathi sala maholidi ebalula uNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa koMphakathi uMnu Siboniso Duma noLt General Nhlanhla Mkhwanazi ngokuba mehlo mane ngalesi sikhathi sala maholidi.

UNtuli uthe nakuba izigameko zobugebengu obuhleliwe nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kodwa ukuba khona kwalo mkhandlu usuyaqala ukubonakala umehluko.

Uzwakalise ukukhathazeka ngezigameko zokubanjwa kwezimoto ezithwala imali nokubulawa komunye wabaqhaphi bakamengameli uMnu Sanele Dlamini.

Uchaze umhlangano wangoLwesibili njengowokwethula indlela yokusebenza kwalo mkhandlu njengoba okuseqhulwini wukuthi kube khona okwenzakayo kunokuthi kulokhu kuhlanganwa kudingidwa.

Uveze ukuthi okubalulekile ngalo mkhandlu wukuthi uqhamuke nendlela ozosebenza ngayo ukuhlangabezana nokunqanda ubugebengu esifundazweni nokuqinisa ezokuphepha yonke indawo okuhlanganisa nasemigwaqweni yaso.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...