Ilanga News
Home 9 Featured 9 URamaphosa unxuse abesilisa kugujwa olwabesifazane

URamaphosa unxuse abesilisa kugujwa olwabesifazane

by | 10 August 2026

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa unxuse amadoda ukuba alwisane nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Ramaphosa ubekhuluma emcimbini wokugubha usuku lwabesifazane iNational Women’s Day izolo ngeSonto ezindlini zoMbuso ePretoria.

Lo mcimbi uhambisana nokubungaza abesifazane abaqopha umlando bamashela uhulumeni wobandlululo ngo-1965 bezwakalisa ilaka labo ngokucindezeleka ababebhekene nabo ngaleso sikhathi.

Ekhuluma kulo mcimbi uRamaphosa uthi udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane aluyona inkinga yabo kuphela.

“Kodwa inkinga ebhekene nawo wonke umphakathi okuhlanganisa nawo amadoda. Luyinkinga nakuwona amadoda ahlukumezayo anaodlame,” kusho uRamaphosa.

Uthe ukunqoba le nkinga kudinga ukuthi amadoda nabafanabasukume bakubeke kucace ukuthi ngeke baluvumelele lolu dlame lwenzeke egameni labo.

Ekhumbula abesifazane abamasha ngo-1965 uRamaphosa uthe babengebona nje abalandeli ngesikhathi sobandlululo kodwa badlala indima emqoka emlandweni waseNingizimu Afrika.

Ukubeke kwacaca ukuthi laba besifazane baba sekhaleni lokulwa nobandlululo nokuthi leli lizwe lwazi ukunqoba inkululeko yentando yeningi.

“Imashi yango-1965 ayibanga yize njengoba yakwazi ukushintsha okuningi ebuholini nakwingcindeni ababebhekene nabo ngaleso sikhathi,” kusho uRamaphosa.

Uthe le mashi yakhombisa ngokusobala ukuthi abesifazane abagcinanga ngokulandela ngemuva kodwa bakwazi ukuveza ukuba ngabaholi bazihlanganisa bazihlela kahle ukuzwakalisa ilaka labo.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...