Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ufundelwe uhlu lwamacala umhlengikazi ‘owabulala isisebenzi’

Ufundelwe uhlu lwamacala umhlengikazi ‘owabulala isisebenzi’

by | 27 March 2025

LIYAQALA namuhla ngoLwesine ukuqulwa eNkantolo eNkulu eGauteng icala elibhekene noNkk Sithembile Xulu (47) ongumhlengikazi owaboshelwa icala lokubulala isisebenzi sakhe ngoba efuna u-R6 million ayezowuthola ezinkampanini zemishayelense ezintathu.

UNkk Xulu ongowokudabuka KwaHlabisa, eMkhanyakude uboshwe kanye noMnu Simon Mogale (38) naye owayeyisisebenzi sakhe sasengadini kanye neminye imisebenzi yasegcekeni. Abasolwa baboshelwe icala lokufa kukaBusiswa Nxumalo (21) isidumbu sakhe esatholakala silahlwe bude buduze nesibhedlela sikahulumeni iDaxina Hospital ngomhlaka 18 kuMasingana (January) 2022. UNkk Xulu ungomsolwa wokuqala kuleli cala. Laba bebevele ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseLenasia eGauteng ladluliselwa eNkantolo eNkalu lapho elizoqulwa khona.

INkantolo yeMantshi yathola ukuthi uMogale wabulala umufi ngoba esaba ulaka lukamsolwa wokuqala owamtshela ukuthi uma enqaba ukubulala uNkz Nxumalo uzombulala njengomyeni wakhe naye. Maqondana nalolu daba kusolwa uNkk Xulu ngokuba ngungqondongqondo ekwakhiweni kwetulo lokubulawa kuka mufi ngenhloso yokuhlomula ngezigidi zezimali ayezozithola ezinkampanini zemishwayilense ayekhave ngayo umufi. NgoLwesibili inkantolo ifundele umsolwa wokuqala uhlu lwamacala athweswe wona. Inkantolo iveze ukuthi inabo bonke ubufakazi obudingekayo kuleli cala.


Phakathi kwamacala athweswe wona ngokusemthethweni uNkk Xulu, elokuhlela itulo lokubulala, elokuthumba, elokuqamba amanga ethi ungusinga-mama (stepmother) kamufi. Icala lokubulala lithweswe bona bobabili abasolwa. Ngokwamaphepha asenkantolo eliwabonile ILANGA, kuvela ukuthi ngenyanga kaMandulo (September) 2021, umufi wasuka KwaNongoma waya eGauteng ethenjiswe ngumsolwa wokuqala umsebenzi wasendlini. Umsolwa wokuqala waya ezinkampanini zomshwayilense ezahlukene wafaka isicelo sekhava yelungu lomndeni wakhe. Wabuye wafaka isicelo sokubhalisa ilungu lokwengeza komunye umshwayilense ayenawo kwelinye lamabhange. Lo mshwayilense wawuzomkhokhela u-R10 000 uma kushone ilungu lomndeni, kodwa wayikhuphula imali yenyukela ku-R50 000. Umufi akalutholanga ucingo olumazisayo ngokuthi kukhona umuntu omjoyinele umshwayilense wokufa kuzona zontathu lezi zinkampani. UNkk Xulu wayezibhalise yena yedwa njengomuntu ozohlomula uma kushona uNkz Nxumalo.


“UMogale wayenolwazi lokuthi kufanele aqambe amanga okuthi umufi untshontshe imali yakhe. Ngosuku lwesigameko kwafika imoto eyayishayelwa ngowesilisa angamazi uMogale kanye nomufi. Phakathi emotweni kwakukhona uNkk Nxumalo kanye nomshayeli. Bathatha umufi emjondolo ayelala kuwona. Kwayiwa naye endaweni ebude buduze nesibhedlela okuyilapho khona uNkk Xulu wakhipha ummese wawunika uMogale ukuba abulale umufi, wamgwaza emphinjeni. Isidumbu sakhe satholakala silahlwe endaweni yesigameko.

Sasinezimpawu njengesomuntu owayeqale ngokufakwa izidakamizwa. Umbulali osewaphenduka ufakazi wombuso wayethenjiswe ngumqashi wakhe ukuthi uzomkhokhela u-R60 000,” kusho amaphepha asenkantolo. UNkz Tholakele Nxumalo ongunina kamufi utshele leli phephandaba ukuthi kumshaqisile ukuthi umsolwa wesibili wabulala indodakazi yakhe ngoba esaba umsolwa wokuqala. Utshele ILANGA ukuthi usamile ekutheni ufuna ubulungiswa ababulali bagwetshwe ngoba ingxenye enkulu yobufakazi isobala.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...