Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ingane (12) ikhombe umyeni kadadewabo ukuthi nguyena oyidlwengulile

Ingane (12) ikhombe umyeni kadadewabo ukuthi nguyena oyidlwengulile

by | 6 May 2026

KUVELA okushaqisayo ngodaba lwengane yentombazane (12) yaseMnini, eMgababa, okuthiwa iveza ukuthi idlwengulwe ngumyeni kadadewabo izikhawu ezine, naye (udadewabo) ekhona endlini, ebuka, ngoNhlolanja (February) nonyaka.

Ngemuva kokusabalala kwalolu daba emphakathini, ILANGA libe nengxoxo ekhethekile nodadewabo wesisulu (32), okusolwa umyeni waso (40), ukuthola kabanzi ngokwenzekile.
Ngokuthola kweLANGA, ingane okuthiwa idlwenguliwe, isithathwe ngosonhlalakahle ngemuva kokuthi ikhombe umyeni kadadewabo ukuthi nguyena obeyidlwengula, njengoba esehamba icala, futhi engaphandle ngebheyili.

Udadewabo wesisulu uphumele obala ngalolu daba, waveza nokuthi nguyena ovulele umyeni wakhe icala ngemuva kokuba udadewabo omncane eveze ukuthi ubedlwengulwa ngumyeni wakhe.

“Kangilivulanga icala ngoba ngikholwa wukuthi umyeni wami nguyena odlwengule udadewethu, kodwa ngifuna ubulungiswa, nokuthi kuvele iqiniso ngalolu daba. Kumanje ngihleli naye (umyeni) njengoba engaphandle ngebheyili. Okwenza ngimvulele icala, wukuthi udadewethu ukhombe yena emaphoyiseni, futhi waze wengeza nokuthi umdlwengule nami ngibuka.

“Into ebuhlungu wukuthi udokotela uveze ukuthi sekunesikhathi eside udadewethu edlwengulwa, ngokwemiphumela yokumhlola kwakhe. Ekhaya sibathathu, yimina omdala nomfowethu ongilamayo, naye udadewethu omncane. Sashonelwa ngumama ngo-2020. Sasihlala KwaDlangezwa, eMahlongwa. Sahamba ngemuva kokushona kukamama, sayohlala eMnini nomyeni wami,” echaza.

Uthe bahlale kancane ndawonye eMnini, umfowabo wathatha udadewabo omncane wahamba naye, beyohlala kukanina wabo omncane, eRichards Bay. Uthi umfowabo ubuyise udadewabo omncane ngo-2023, ekhala ngokuthi kabahlalisene kahle nonina
omncane.

“Ngaphambi kokuba bafike, ngithole ukuthi umfowethu usephanjanelwa wumqondo, okuyinto engiyibuzile ukuthi uhlala kanjani nengane yentombazane encane kanjena ekubeni engasaphilile kahle. Uma efika, ngithole ukuthi ngempela akasaphilile kahle, samyisa kodokotela njengoba kumanje esephila ngokudla amaphilisi okuhanjelwa wumqondo,” kusho udadewabo wesisulu.

Kuthintwa abahlala nomfowabo wesisulu, bakwazile ukumnika ucingo wazikhulumela. Uthe yena akaguli ngekhanda, uphila saka, kodwa ngudadewabo owamyisa esibhedlela, ethi usegula ngekhanda. Uthe nesigameko sokudlwengulwa kukadadewabo omncane usizwile, kodwa ubengakakwazi ukuyombona ngoba akanayo imali yokufinyelela kuyena.

UMnu Nkosinathi Zikhali wenhlangano engayenzi inzuzo, iMnini Sakhisizwe, uthe udaba selufikile kubona, futhi bazoya kosonhlalakahle ukuyothola ingqikithi yodaba ngoba abantu bakhuluma izinto eziningi ngalo.

“Kuvela ukuthi ingane selokhu iqale ukudlwengulwa ngo-2022, kuze kube yimanje, kodwa uma sikhuluma nodadewabo, uveza ukuthi ithe emaphoyiseni idlwengulwe ngoNhlolanja kulo nyaka. Njengoba sisebenzisana nomphakathi nje, sizophenya sifike ekugcineni kwalolu daba,” kusho uZikhali.

Udadewabo wesisulu uveze ukuthi u-2022 lo okukhulunywa ngawo, ingane ibihlala nomfowabo eRichards Bay, wayibuyisa ngo-2023.

Okhulumela amaPhoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe uma kuyimpelasonto basebenza kuphela izindaba ezintsha, ezisuke zenzeka. Lolu daba uthe ludinga ukuthi baxhumane nomphenyi wecala uma esesehhovisi phakathi nezinsuku, ephethe namadokodo alo, bese bekwazi ukuphendula maqondana nodaba.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...