Zigwetshwe udilikajele izinkabi ezabulala usomatekisi eThekwini

112

SKHOSIPHI MTHEMBU

ZIZOGUGELA ejele izinkabi ezimbili ezithole udilikajele ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala usomatekisi.

NgoLwesibili iNkantolo yesiFunda saseThekwini igwebe uMfanafuthi Madlala (41) noSfiso Sokhulu (45) ngecala lokubulala uMnu Siyabonga Ngcobo owayengusomatekisi.

Kulesi sigameko esenzeka mhla ka-10 kuNtulikazi (July) ngo-2022, kuthiwa uNgcobo wayehamba ngetekisi lakhe emgwaqweni uRamchad, eGreenwood Park, ngesikhathi edutshulwa, maqede imoto yakhe yaginqikela egcekeni lomuntu.

Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko, isidumbu sikaNgcobo satholakala sisengaphakathi emotweni yohlobo lweToyota Quantum, sinamanxeba okudutshulwa. Leli cala kuthiwa labe selinikezwa abaphenyi bophiko lweProvincial Taxi Violence Task Team.

Abaphenyi kuthiwa umsolwa wokuqala bambopha ngalo usuku lwesigameko, bathola kuyena nesibhamu esisemthethweni. Ngosuku olulandelayo, amaphoyisa abopha umsolwa wesibili.

Kuthiwa abaphenyi babe sebehlanganisa ubufakazi obugcine buholele ekutheni inkantolo ibalahle ngecala njengoba liqulwe bevalelwe, kwazise ibheyili abayitholanga.

Previous article28 November 2024
Next articleUmdonsiswano ngesikhundla semenenja kuMasipala waKwaNongoma