Ilanga News
Home 9 Featured 9 UDuduzile ushiye elikaShivambu waxolisa kuZuma nasebuholini beMK Party

UDuduzile ushiye elikaShivambu waxolisa kuZuma nasebuholini beMK Party

by | 11 February 2025

ISHIYE imibuzo incwadi kaNkk Duduzile Zuma Sambudla oyilungu leMP Party futhi oyindodakzi kaMnu Jacob Zuma ongumsunguli waleli qembu.

NgoLwesibili leli qembu liyalele uDuduzile ukuba axolise kuMengameli waleli qembu, uNobhala Jikelele walo uMnu Floyd Shivambu, ubuholi namalungu aleli qembu nasezinhlakeni alimele kuzona okuyikhokhasi yeMK Party ePhalamende likazwelonke nakwiPan-African Parliament.

Lokhu kulandela ukugxibha nokuthuka uShivambu enkundleni yokuxhumana i-X (Twitter).

UDuduzile uyalelwe ukuba axolise ngokushesha ngaphandle kokubeka imibandela ngaphandle kwalokhu angase athathelwe izinyathelo ezingaholela ekutheni buhoxiswe ubulungu bakhe kuleli qembu. Encwadini yakhe yokuxolisa uDuduzile uxolise kuMengameli waleli qembu uZuma nakubuholi baleli qembu.

Uthe nakuba enowakhe umbono ohambisana nokukhathazeka ngendlela uNobhala Jikelele waleli qembu asingatha ngayo ezinye zezinto kodwa uyakuqonda ukuthi kunezindlela zangaphakathi okumele azilandele.

Ukubeke kwacaca ukuthi uyaxolisa ngesenzo sakhe futhi ubengaqondile ukuthunaza isithunzi seqembu.

Nakuba ebale zonke izinhlaka abejutshwe ukuba azibale uma exolisa kodwa akukho encwadini yakhe lapho eveze khona ukuxolisa kwakhe kuNobhala waleli qembu okunguyena abemgxibha kule nkundla yokuxhumana.

Uphethe ngokuthi njengelungu leMK Party eliqotho uzimisel ukuhlonipha lonke uhlelo lwangaphakathi kuleli qembu.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...