Ilanga News
Home 9 Featured 9 UDuduzile ushiye elikaShivambu waxolisa kuZuma nasebuholini beMK Party

UDuduzile ushiye elikaShivambu waxolisa kuZuma nasebuholini beMK Party

by | 11 February 2025

ISHIYE imibuzo incwadi kaNkk Duduzile Zuma Sambudla oyilungu leMP Party futhi oyindodakzi kaMnu Jacob Zuma ongumsunguli waleli qembu.

NgoLwesibili leli qembu liyalele uDuduzile ukuba axolise kuMengameli waleli qembu, uNobhala Jikelele walo uMnu Floyd Shivambu, ubuholi namalungu aleli qembu nasezinhlakeni alimele kuzona okuyikhokhasi yeMK Party ePhalamende likazwelonke nakwiPan-African Parliament.

Lokhu kulandela ukugxibha nokuthuka uShivambu enkundleni yokuxhumana i-X (Twitter).

UDuduzile uyalelwe ukuba axolise ngokushesha ngaphandle kokubeka imibandela ngaphandle kwalokhu angase athathelwe izinyathelo ezingaholela ekutheni buhoxiswe ubulungu bakhe kuleli qembu. Encwadini yakhe yokuxolisa uDuduzile uxolise kuMengameli waleli qembu uZuma nakubuholi baleli qembu.

Uthe nakuba enowakhe umbono ohambisana nokukhathazeka ngendlela uNobhala Jikelele waleli qembu asingatha ngayo ezinye zezinto kodwa uyakuqonda ukuthi kunezindlela zangaphakathi okumele azilandele.

Ukubeke kwacaca ukuthi uyaxolisa ngesenzo sakhe futhi ubengaqondile ukuthunaza isithunzi seqembu.

Nakuba ebale zonke izinhlaka abejutshwe ukuba azibale uma exolisa kodwa akukho encwadini yakhe lapho eveze khona ukuxolisa kwakhe kuNobhala waleli qembu okunguyena abemgxibha kule nkundla yokuxhumana.

Uphethe ngokuthi njengelungu leMK Party eliqotho uzimisel ukuhlonipha lonke uhlelo lwangaphakathi kuleli qembu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...