Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 OweBucs akeneme ngezinga abalikhombise benqoba koweMTN8

OweBucs akeneme ngezinga abalikhombise benqoba koweMTN8

by | 9 August 2026

NGUGHAMPANI Lungu we-Orlando Pirates ejabulela igoli abanqobe ngalo iDurban City.

AKAGCULISEKANGA ngakubone eqenjini lakhe umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou. IBucs iguqise ngo-2-1 esikhathini esengeziwe iDurban City kwi-quarter final yeMTN8 ngoMgqibelo ntambama e-Orlando Amstel Arena, eSoweto.

IBucs iyona evule inkundla uPatrick Maswanganyi evalela iphenathi, kwathi elesibili lashaywa nguGhampani Lungu. EleCity lokubika ekhaya lishaywe nguJean Lwamba. UBrooklyn Poggenpoel weCity akawuqedanga lo mdlalo ekhishwa ngekhadi elibomvu ngomzuzu ka-35.


U-Ouaddou uthi ezakhe zidlale ibhola elincane kakhulu kulo mdlalo.

“Besazi ukuthi lo mdlalo ngeke ube lula ngoba iDurban City idlala kahle. Sibhekene nenkinga ngale sizini, wonke umuntu ufuna ukwehlula thina. Kodwa-ke ngijabule ngoba sigcine sinqobile ngoba ekugcineni sifuna ukuqhubeka nokuvikela isicoco sethu.
Kufanele ngikusho kodwa ukuthi asidlalanga kahle kulo mdlalo, sishaye into ephansi kakhulu kodwa siyabonga ngoba sigcine sinqobile,” kusho u-Ouaddou.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...