Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Izinhlelo zePirates ngekusasa likaMabasa

Izinhlelo zePirates ngekusasa likaMabasa

by | 22 December 2024

IHLELA ukunika umgadli wayo inkontileka ende i-Orlando Pirates egila izimanga kulezi zinsuku. IBucs izobhekana neMarumo Gallants koweBetway Premiership ngoLwesibili ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto.

Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi iBucs isezinhlelweni zokunika uTshegofatso Mabasa (28) inkontileka entsha.

Umthombo uthe: “Inkontileka kaMabasa neBucs iyaphela uma kusongwa le sizini. Ngenyanga ezayo uzobe esenelungelo lokusayina inkontileka yesibambiso nanoma iyiphi ikilabhu emfunayo. IBucs isinqumile ngaye, ihlela ukumnika inkontileka yeminye iminyaka emithathu.

“Ithimba labaqeqeshi ligculisekile ngaye. Konke sekulele kubaphathi, kodwa yena noma kanjani uzogcinwa.”

Imizamo yokuthola usihlalo weBucs u-Irvin “Iron Duke” Khoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe bekukhala kodwa lungabanjwa.

* Imidlalo yeBetway Premiership yokuvala unyaka imi kanjena:
NGOLWESIBILI mhla ka-24 kuZibandlela (December)
EMoses Mabhida Stadium: AmaZulu vs Mamelodi Sundowns 15h00.
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Marumo Gallants 15h00.

NGOMGQIBELO mhla ka-28
EMpumalanga Stadium: Golden Arrows vs Polokwane City 15h30.
EKing Zwelithini Stadium: Richards Bay vs Mamelodi Sundowns 15h30.
EPeter Mokaba Stadium: Sekhukhune United vs Marumo Gallants 17h45.
ELucas Moripe Stadium: SuperSport United vs Stellenbosch FC 20h00.

NGESONTO mhla ka-29
E-DHL Cape Town Stadium: Cape Town City vs AmaZulu FC 15h30.
EPeter Mokaba Stadium: Magesi FC vs Orlando Pirates 15h30.
EHarry Gwala Stadium: Royal AM vs TS Galaxy 15h30.
EMoses Mabhid
a Stadium: Kaizer Chiefs vs Chippa United 17h45.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...