IHLELA ukunika umgadli wayo inkontileka ende i-Orlando Pirates egila izimanga kulezi zinsuku. IBucs izobhekana neMarumo Gallants koweBetway Premiership ngoLwesibili ngo-15h00 e-Orlando Stadium, eSoweto.
Leli phephandaba lihoshe ngemithombo yalo ukuthi iBucs isezinhlelweni zokunika uTshegofatso Mabasa (28) inkontileka entsha.
Umthombo uthe: “Inkontileka kaMabasa neBucs iyaphela uma kusongwa le sizini. Ngenyanga ezayo uzobe esenelungelo lokusayina inkontileka yesibambiso nanoma iyiphi ikilabhu emfunayo. IBucs isinqumile ngaye, ihlela ukumnika inkontileka yeminye iminyaka emithathu.
“Ithimba labaqeqeshi ligculisekile ngaye. Konke sekulele kubaphathi, kodwa yena noma kanjani uzogcinwa.”
Imizamo yokuthola usihlalo weBucs u-Irvin “Iron Duke” Khoza ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe bekukhala kodwa lungabanjwa.
* Imidlalo yeBetway Premiership yokuvala unyaka imi kanjena:
NGOLWESIBILI mhla ka-24 kuZibandlela (December)
EMoses Mabhida Stadium: AmaZulu vs Mamelodi Sundowns 15h00.
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Marumo Gallants 15h00.
NGOMGQIBELO mhla ka-28
EMpumalanga Stadium: Golden Arrows vs Polokwane City 15h30.
EKing Zwelithini Stadium: Richards Bay vs Mamelodi Sundowns 15h30.
EPeter Mokaba Stadium: Sekhukhune United vs Marumo Gallants 17h45.
ELucas Moripe Stadium: SuperSport United vs Stellenbosch FC 20h00.
NGESONTO mhla ka-29
E-DHL Cape Town Stadium: Cape Town City vs AmaZulu FC 15h30.
EPeter Mokaba Stadium: Magesi FC vs Orlando Pirates 15h30.
EHarry Gwala Stadium: Royal AM vs TS Galaxy 15h30.
EMoses Mabhida Stadium: Kaizer Chiefs vs Chippa United 17h45.