Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sekutholakale isidumbu sesikhombisa sowesifazane obulewe

Sekutholakale isidumbu sesikhombisa sowesifazane obulewe

by | 15 September 2026

ZIYANDA izidumbu zabesifazane abatholakala bebulewe eGoli njengoba ngoLwesibili kutholakale isidumbu sesikhombisa. Amaphoyisa aseGoli akuqinisekisile ukutholakala kwesidumbu sowesifazane okuthiwa utholakale entanta emfuleni esesele ngephenti kuphela.

Amaphoyisa athe ngeke aqinisekise ukuthi walahlwa emanzini engasagqokile noma izingubo zakhe zithathwe ngamanzi. Lo wesifazane wengeza esibalweni sabesifazane abatholakala bebulewe eKurhuleni. Ababulewe selokhu beqale ukutholakala ngoNtulikazi nonyaka nosekwenza kusolakale ukuthi kunomalugaju endaweni olandele abesifazane.

Njengoba kuqhubeka lezi zigameko, uMengameli Cyril Ramaphosa usenxuse amaphoyisa ukuthi aqinise uphenyo. Kulezi zigameko kutholakale nomgijimi u-Elizabeth “Tsontso” Moselakgomo (38) ophume eyogijima watholakala esebulewe. U-Elizabeth ungene esibalweni sabesifazane abane abatholakale izinsuku zilandelana bebulewe.

Abanye abagijimi baye emgaqweni ngoLwesibili lapho bejwayele ukugijima khona beyobhonga emswanini ngokudlula komunye wabo. Amaphoyisa anxusa noma ngubani ongaba nolwazi, noma labo abalahlekelwe yizihlobo ukuthi bawabikele ukuze kulekelelwe ithimba iTask Team ephenya ngalama cala ukubamba umenzi wobubi.

Izindawo okutholakala kuzona laba besifazane bebulewe ise-East Rand, Tembisa, Springs, Clayville, Olifantsfontein neKempton Park, zonke zingaphansi kwaseKurhuleni.

Ezisematheni

‘Kuzoba nzima ukuthatha izinqumo eKZN kuchithwa uShinga’

‘Kuzoba nzima ukuthatha izinqumo eKZN kuchithwa uShinga’

UKUCHITHWA yinkantolo kobengungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, Kwa-Zulu-Natal, uNkz Mbali Shinga (osesithombeni), kuzonqinda amandla uhulumeni wesifundazwe ukuthi ukwazi ukuthatha izinqumo ngokukhululeka njengoba iqembu lakhe iNational Freedom Party (NFP),...

Kwexwayiswa umphakathi ngemvula enamandla engadala izikhukhula

Kwexwayiswa umphakathi ngemvula enamandla engadala izikhukhula

IZANGOMA zezulu zakwaSouth African Weather Service (Saws) sezikhiphe isexwayiso esikuLevel 6 ngezimvula ezinamandla okulindeleke ukuthi zihlasele ezindaweni ezigudle ugu lwesifundazwe iKwaZulu-Natal. Lezi zimvula - ezingase zidale izikhukhula, zilimaze nengqalasizinga...

I-ANC isichithwe yinkatolo ngolwamakhansela angabhalisiwe

I-ANC isichithwe yinkatolo ngolwamakhansela angabhalisiwe

INKANTOLO yezoKhetho isisichithile isicelo se-African National Congress (ANC) sokuthi kufakwe ohlwini lwaka-IEC amagama amakungu ayo angu-181 abezoyimela embangweni wezikhundla zobukhansela okhethweni lohulumeni basekhaya.. I-ANC ihlulekile ukubhalisa ngaphambi...