Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ibhungu (18) lidutshulwe phambi kukayise lisolwa ngokweba umakhalekhukhwini

Ibhungu (18) lidutshulwe phambi kukayise lisolwa ngokweba umakhalekhukhwini

by | 7 January 2025

IBHUNGU (18) lidutshulwe phambi kukayise lisolwa ngokweba umakhalekhukhwini endaweni yaseMaotana ngoLwesibili.

Ngokusho kwabeReaction Unit South Africa (RUSA) onogaba babo babizelwe emgaqweni uFana Khumalo eMaotana lapho befice khona leli bhungu elifunda u-grade 10 lihleli eceleni komgwaqo.

Uyise walo osolwa ngokucwila ezinkambeni zikaFaro utshele onogada beRUSA ukuthi yena nendodana yakhe bebelibangise ekhaya ngesikhathi abalisa abathathu abaziwayo ngokuthengisa izidakamizwa endaweni bebamisa bephethe izibhamu.

Uqhube ngokuthi oyedwa walaba balisa usole indodana yakhe ngokweba umakhalekhukhwini wayo ngesikhathi edutshulwa yizimbangi ngomhla ka-27 kuNovemba nyakenye.

Ngokwesitayimende seRUSA ibhungu liziphikile lezi zinsolo latshela lo mlisa ukuthi ngesikhathi sesigameko lalise-library. Lo mlisa ube esedubula leli bhungu ngaphambi kokuthi bacele empunzini nozakwabo.

Kubikwa ukuthi leli bhungu lidubuleke emlenzeni wangakwesokudla kwathi enye yagudla ekhaya lakhe.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...