Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ibhungu (18) lidutshulwe phambi kukayise lisolwa ngokweba umakhalekhukhwini

Ibhungu (18) lidutshulwe phambi kukayise lisolwa ngokweba umakhalekhukhwini

by | 7 January 2025

IBHUNGU (18) lidutshulwe phambi kukayise lisolwa ngokweba umakhalekhukhwini endaweni yaseMaotana ngoLwesibili.

Ngokusho kwabeReaction Unit South Africa (RUSA) onogaba babo babizelwe emgaqweni uFana Khumalo eMaotana lapho befice khona leli bhungu elifunda u-grade 10 lihleli eceleni komgwaqo.

Uyise walo osolwa ngokucwila ezinkambeni zikaFaro utshele onogada beRUSA ukuthi yena nendodana yakhe bebelibangise ekhaya ngesikhathi abalisa abathathu abaziwayo ngokuthengisa izidakamizwa endaweni bebamisa bephethe izibhamu.

Uqhube ngokuthi oyedwa walaba balisa usole indodana yakhe ngokweba umakhalekhukhwini wayo ngesikhathi edutshulwa yizimbangi ngomhla ka-27 kuNovemba nyakenye.

Ngokwesitayimende seRUSA ibhungu liziphikile lezi zinsolo latshela lo mlisa ukuthi ngesikhathi sesigameko lalise-library. Lo mlisa ube esedubula leli bhungu ngaphambi kokuthi bacele empunzini nozakwabo.

Kubikwa ukuthi leli bhungu lidubuleke emlenzeni wangakwesokudla kwathi enye yagudla ekhaya lakhe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...