Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 ISilo uMiszulu kwethulwa umdlalo iShaka Ilembe S2

ISilo uMiszulu kwethulwa umdlalo iShaka Ilembe S2

by | 13 June 2025

UBUSISWE ubukhona beNdlulamithi iSilo uMisuzulu kaZwelithini umcimbi wokwethulwa kwesizini yesibili yomdlalo kamabonakude osuselwa kwiLembe eleqa amanye amaLembe obizwa ngokuthi Shaka Ilembe obuseMonte Casino eGoli ngoLwesine.

Lo mcimbi ubuhanjelwe yizicukuthwane zamazinga ahlukene kusukela zaseNdlunkulu yaKwaZulu, ubukhosi baseSwatini, uhulumeni, osomabhizinisi, abalingisi nosaziwayo.

Izicukuthwane zithole ukwazi kabanzi ngalo mdlalo njengoba isizini yokuqala yawo yaqopha umlando ngokubukelwa kakhulu e-Afrika kwiShowmax kanti nakuMzansi Magic yaba nababukeli abaningi yaphinde yaqokwa izikhawu eziwu-17 emcimbini wokuklomelisa weSouth African Film and Television Awards (Safta). 

Kulo mcimbi yathola izindondo eziwu-12. Isikhulu sakwaMultichoice uNomsa Philiso siveze ukuthi impumelelo yesizini yokuqala ibakhuthazile ukuthi baqhubeke nokunyusa izinga nakule sizini ezoqala.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini besiyingxenye yalo mcimbi futhi sathola nethuba lokubuka isiqephu sokuqala salo mdlalo.

Ubonge ukubambisana okuhle nezinkampani ezizimele ukuze bakwazi ukwenza into esezingeni.

Lo mdlalo ugabe ngabalingisi abayizintandokazi kumabonakude okubalwa kubo uNomzamo Mbatha, Lemogang Tsipa, Mondli Makhoba, Thembinkosi Mthembu, Vuyo Biyela, Khabonina Qubeka, Wiseman Mncube, Thulani Mtsweni, Andile Mxakaza, Baby Cele, Thandeka Dawn King nabanye abaningi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...