Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 ISilo uMiszulu kwethulwa umdlalo iShaka Ilembe S2

ISilo uMiszulu kwethulwa umdlalo iShaka Ilembe S2

by | 13 June 2025

UBUSISWE ubukhona beNdlulamithi iSilo uMisuzulu kaZwelithini umcimbi wokwethulwa kwesizini yesibili yomdlalo kamabonakude osuselwa kwiLembe eleqa amanye amaLembe obizwa ngokuthi Shaka Ilembe obuseMonte Casino eGoli ngoLwesine.

Lo mcimbi ubuhanjelwe yizicukuthwane zamazinga ahlukene kusukela zaseNdlunkulu yaKwaZulu, ubukhosi baseSwatini, uhulumeni, osomabhizinisi, abalingisi nosaziwayo.

Izicukuthwane zithole ukwazi kabanzi ngalo mdlalo njengoba isizini yokuqala yawo yaqopha umlando ngokubukelwa kakhulu e-Afrika kwiShowmax kanti nakuMzansi Magic yaba nababukeli abaningi yaphinde yaqokwa izikhawu eziwu-17 emcimbini wokuklomelisa weSouth African Film and Television Awards (Safta). 

Kulo mcimbi yathola izindondo eziwu-12. Isikhulu sakwaMultichoice uNomsa Philiso siveze ukuthi impumelelo yesizini yokuqala ibakhuthazile ukuthi baqhubeke nokunyusa izinga nakule sizini ezoqala.

ISilo uMisuzulu kaZwelithini besiyingxenye yalo mcimbi futhi sathola nethuba lokubuka isiqephu sokuqala salo mdlalo.

Ubonge ukubambisana okuhle nezinkampani ezizimele ukuze bakwazi ukwenza into esezingeni.

Lo mdlalo ugabe ngabalingisi abayizintandokazi kumabonakude okubalwa kubo uNomzamo Mbatha, Lemogang Tsipa, Mondli Makhoba, Thembinkosi Mthembu, Vuyo Biyela, Khabonina Qubeka, Wiseman Mncube, Thulani Mtsweni, Andile Mxakaza, Baby Cele, Thandeka Dawn King nabanye abaningi.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...