
Phambilini uma kukhulunywa ngoBrentwood, bekusheshe kucace ukuthi kukhulunywa ngensizwa eyibhinca futhi bekuyinjwayelo ukuthi owugqokile awumatanise nesikibha se-mercerised, nesandali (sandal) le-Omega. UBig Zulu noSjava bayingxenye yabantu abadumile abagqoka ngalolu hlobo.
Ububhinca sekuyinto esesitayeleni futhi esihlonishwa esikhathini samanje, njengoba phambilini buke babukeleka phansi. Amabhinca alikhuphulile izinga, njengoba kucaca ukuthi afundile, aphila kahle futhi ayayithela imali ezintweni ezifaka wona okubalwa imicimbi, ingezo (imfashini) nabaculi bakamaskandi.
Ushuni kaBrentwood usungenisile nasezintokazini njengoba nazo zihloba ngawo. Leli phephandaba lixoxe noModelikazi Nqobile Dlamini, waseDumbe, owaziwayo ngokuhlanganisa indwangu noBrentwood. Uthi uqale ukugqoka uBrentwood ngo-2022.
Lesi siphalaphala sithi ukugqoka ngalolu hlobo kusivulele iminyango, sagcina sidonse amehlo enkampani yezinsizwa zaseWitbank, iKonkhe Kuhamba Kahle, edlisayo kulezi zinsuku njengoba siyinxusa layo.
UModelikazi uthi ukuhlobanisa iBrentwood nemikhiqizo yale nkampani kuhehe abaningi, bayithanda ingezo yakhe nabanye besifazane bamlandela, bangena ekugqokeni leli bhulukwe. Le ntokazi ithi ijwayele ukuchitha u-R1500, u-R1700 noma u-R1800 ngoBrentwood owodwa.
UModelikazi uthi vele ingezo kaBrentwood ibigqame kakhulu emakhaya uma obaba bejojile, yilapho bezidlana khona imilala kucace umakhonya. Uthi yize engakaze ahlangane nabamgxekayo ngokugqoka kwakhe, kodwa uthi ezinkundleni zokuxhumana bakhona abajikijela inkulumo enenhlabathi.

Ngaphandle kukaModelikazi, umculi ongaphansi kwesitebele Inkabi Nation Records kaBig Zulu, uLwah Ndlunkulu, useke wabonakala izikhashana eswenke ngoBrentwood. UMawhoo naye ongumculi yintokazi engawushalazeli uBrentwood.
Nentokazi engumsakazi we-5 FM uLula oDiba (ongenhla) ibonakale emcimbini weMetro FM nonyaka ihlobe ngoBrentwood, yisikibha se-mercerised, nesigqoko, ekuchaze njengendlela yokuhlonipha uyise.

Nama-sandal e-Omega phambilini abegqame kakhulu kwabesilisa, angenisa ngamandla kwabesifazane. Yize selukhona uhlobo lwalezi zicathulo zabesifazane, kodwa bakhona abahloba ngalezi ezigqokwa ngabesilisa. Lolu hlobo lwesicathulo luyintandokazi njengoba selutholakala ngemibala ehlukene, egqamile.







