Ilanga News
Home 9 Featured 9 I-ActionSA isiludlulisele kuNtuli olwemishanguzo ezibhedlela zikahulumeni

I-ActionSA isiludlulisele kuNtuli olwemishanguzo ezibhedlela zikahulumeni

by | 11 February 2025

I-ACTIONSA KwaZulu Natal isiludlulisele kuNdunankulu wesifundazwe uMnu Thami Ntuli udaba lokushoda kwemishanguzo ezibhedlela zikahulumeni.

UMnu Zwakele Mncwango ohola leli qembu kulesi sifundazwe uveze ukuthi ubhalele uNtuli incwadi wamnikeza isikhathi sokuthi kushaye usuku lwezithandani umhla ka-14 February esephendule ngohlelo lokuqhamuka nesixazululo salokhu.

UMncwango uchaze isimo esibhekene nezibhedlela salesi sifundazwe njengenhlekelele.

Ukhale ngoMnyango wezeMpilo athe awufuni ukuphumela obala ngokuthi imishanguzo iyahanjiswa yini ezibhedlela.

Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini uMncwango wabhalela uNgqongqoshe wezeMpilo uNkk Nomagugu Simelane Mngadi mayelana nalolu daba ekhala ngakho ukushoda kwemishanguzo.

USimelane Mngadi waphendula ngokuthi kungamampunge okushiwo nguMncwango ngokushoda kwale mishanguzo.

Kule ncwadi uMncwango ayibhalele undunankulu umyalele ukuthi ngokushesha aqhamuke nohlelo lokusabalalisa imishanguzo ezibhedlela, wukuqhamuka nohlelo lokulungisa umonakalo osudalekile ezinhlakeni zezempilo esifundazwe bese ethatha izinyathelo ezinqala kulezo zisebenzi ezithintekayo kulo monakalo.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...