Ilanga News
Home 9 Featured 9 UFISELE AMANAZARETHA UHAMBO OLUHLE UMENGAMELI WE-IFP

UFISELE AMANAZARETHA UHAMBO OLUHLE UMENGAMELI WE-IFP

by | 4 January 2025

UMENGAMELI we-IFP nophinde abe nguNgqongqoshe woMnyango wezoHulumeni baseKhaya nobuHoli beNdabuko kuzwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usefisele ibandla lamaNazaretha aseBuhleni,uhambo oluhle oluya eKhenana.

“Egameni le IFP, ngifisela amaNazaretha aseBuhleni uhambo oluhle njengoba ezoqala ukulibhekisa entabeni engcwele eKhenana.

Sengathi lolu hambo lwamakhilomitha angu-60 lunganenza nivuseleleke kabusha, kube yisikhathi sokuzotha kanjalo nesentokozo.

Sengathi ukholo lwenu lungavuseleleka ngesikhathi nilibhekise endaweni engcwele, uNkulunkulu kaShembe anikhumbule,” kusho yena.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

Bafuna kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaRamaphosa

AMAQEMBU uMkhonto weSizwe Party (MK) ne-African Transformation (ATM) asebhalele ngokwehlukana uSomlomo wePhalamende uNkz Thoko Didiza ukuba ahlele usuku lokuba kudingidwe futhi kuvotelwe ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa. Lokhu kuza ngemuva...

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

Umnyango nohlelo lomazisi kumakhalekhukhwini

NGUNGQONGQOSHE weKhaya, uMnu Leon Schreiber. UMNYANGO wezaseKhaya usunike izakhamizi kuze kube wumhla ka-6 kuNhlangulana (June), ukuba ziveze uvo lwazo mayelana nemigomo oyihlongozayo ubuyekeza umthetho i-Identification Act (2002), ezokwenza kuqalwe uhlelo lomazisi...