Ilanga News
Home 9 Featured 9 UFISELE AMANAZARETHA UHAMBO OLUHLE UMENGAMELI WE-IFP

UFISELE AMANAZARETHA UHAMBO OLUHLE UMENGAMELI WE-IFP

by | 4 January 2025

UMENGAMELI we-IFP nophinde abe nguNgqongqoshe woMnyango wezoHulumeni baseKhaya nobuHoli beNdabuko kuzwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usefisele ibandla lamaNazaretha aseBuhleni,uhambo oluhle oluya eKhenana.

“Egameni le IFP, ngifisela amaNazaretha aseBuhleni uhambo oluhle njengoba ezoqala ukulibhekisa entabeni engcwele eKhenana.

Sengathi lolu hambo lwamakhilomitha angu-60 lunganenza nivuseleleke kabusha, kube yisikhathi sokuzotha kanjalo nesentokozo.

Sengathi ukholo lwenu lungavuseleleka ngesikhathi nilibhekise endaweni engcwele, uNkulunkulu kaShembe anikhumbule,” kusho yena.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...