Ilanga News
Home 9 Featured 9 UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

by | 18 August 2026

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe.

UDuduzane, oyindodana kaMengameli weMKP uMnu Jacob Zuma, uthi akalethelwe izikhundla eqenjini, kodwa ujutshwe ukuba asebenze, ukuze likhule.

“Labo abathi ngiyaphekelwa ukuthi uma ubaba (Jacob Zuma) esethatha umhlalaphansi, kube yimina engiba ngumengameli eqembu, bayazikhohlisa. Mina ngizokwenza lokho engizothunywa khona kwiMKP, ngoba iqembu kufanele lisebenzele abantu baseNingizimu Afrika, ababhekene nezinselelo eziningi.

“Indaba yezikhundla ayize kamuva, ukusebenzela abantu kuze phambili. I-MKP ayizukugcina ngokukhuluma ngokhetho lolu esiyakulo ngoNovember, kodwa izoqhamuka namaqhinga okuthuthukisa umnotho wezwe, nokuphucula impilo yabantu,” kusho uDuduzane.

Uncome uyise, wathi uyindoda eyisebenzele kakhulu iNingizimu Afrika, kusukela esalwela inkululeko, wakhuza udlame lwepolitiki olwalugubuzele izwe ngaphambi kuka-1994, wabaneqhaza ekuthuthukiseni izwe, sekubuswa ngokwentando yeningi.

Ukuqokelwa kukaDuduzane kulesi sikhundla kushayelwe ihlombe nayiwele lakhe, uDuduzile Zuma-Sambudla, othe uyamethemba umfowabo ukuthi uzokwenza izinto ezincomekayo esikhundleni anikwe sona. UDuduzile uthe kuyiphutha ukucabanga ukuthi iMKP “yiqembu lakwaZuma,” kodwa wathi ngelabantu baseNingizimu Afrika. Naye wake waba nesikhundla kuleli qembu, kodwa wobuye wakhonjwa indlela.

Ezisematheni

Indida uLosi ekhethwa njengonobhala-jikelele weCosatu

Indida uLosi ekhethwa njengonobhala-jikelele weCosatu

NGUMNU Mike Shingange onguMengameli omusha weCosatu. KUQUBUKE ukudideka kwabaningi ngesikhathi uZingiswa Losi, obengumengameli weCosatu, esekhethwa ebangunobhala-jikelele, walo mfelandawonye wezinyunyana. Engqungqutheleni yeCosatu yezinsuku ezintathu ephothulwe...

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

Uyalelwe ukuthi aphumule uZuma ekhishwa esibhedlela

NGEMUVA kwesonto lonke, elaliswe esibhdlela iSt Anne's, ePietermaritzburg, uMengameli weMK Party, nowakewaba nguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ugcine ekhishiwe esibhedlela. Ukhishwe ngoLwesibili, ekuseni, kanti kuthiwe akayophumula emzini wakhe KwaDakwadunuse,...