Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ubonga uNkulunkulu ngezimanga azigila kwi-Orlando Pirates

Ubonga uNkulunkulu ngezimanga azigila kwi-Orlando Pirates

by | 27 August 2025

UBONGA uNkulunkulu ngokwenzeka empilweni yakhe uKamogelo Sebelebele, ongumdlali we-Orlando Pirates ogila izimanga kule kilabhu ekubeni esanda kufika kuyona.

IBucs ingene okwesine amasizini elandelana kowamanqamu weMTN8, iguqisa iMamelodi Sundowns ngo-4-1 wamaphenathi emlenzeni wesibili we-semi final yalo mqhudelwano obungoMgqibelo eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville. Umdlalo ubuphele ziba-mbene ngo-1-1.

Igoli leDowns lishaywe ngu-Iqraam Rayners ngomzuzu ka-17, labulawa ngelikaSebelebele ngo-ka-73. Kube ngu-2-2 sekuhlanganiswe yomibili imilenze.

USebelebele uyazishibilikela enkundleni selokhu ejoyine iBucs ekuqaleni kwale sizini, esuka kwiTS Galaxy. Nguyena futhi oyishayele igoli lokukhava nasemlenzeni wokuqala, nawo ophele ngo-1-1 ngeledlule e-Orlando Stadium, eSoweto.

USebelebele – oqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo – lonke udumo ulubhekise kuNkulunkulu ngokwenzeka empilweni yakhe, selokhu efike kwiBucs.

“Ngibonga nomqeqeshi ngethuba anginika lona. Umdlalo siwuqale ngezinga eliphansi, kodwa ngesiwombe sesibili salikhuphula igiya ngoba besazi ukuthi bazokhathala.

“Ngibonga uNkulunkulu ngoba uphinde wangipha igoli, futhi sakwazi ukunqoba, sadlulela kowamanqamu,” esho.

IBucs izodlala owamanqamu walo mqhudelwano neStellenbosch FC, ehlule iSekhukhune United ngo-3-1 sekuhlanganiswe yomibili imilenze. Iya kowamanqamu nje iBucs, isiyinqobe kathathu kulandelana iMTN8 emidlalweni (yomithathu) ebeyigijinyelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

ITheku lithishwa ngokuphinda ligixabezwe ngowamanqamu ozokuba ngoMgqibelo womhla ka-13 kuMandulo (September). Kuthiwa leli dolobha limiswe kabi yiFree State, nayo efuna lo mdlalo uyogijinyelwa eBloemfontein.

Sekuwumlando ukuthi iBucs iguqise iStellies ngo-3-1 kowamanqamu wangesizini edlule, khona eMoses Mabhida.

Ezisematheni

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...