SENZO SOKHELA
UBONGA abalandeli beKaizer Chiefs ngothando abalukhombi-sayo ngokuwa bevuka nale kila-bhu esalwela ukubuyisa udumo lwayo, uNasreddine Nabi (osesi-thombeni) ongumqeqeshi wezi-Mpofana.
IChiefs izobhekana neRoyal AM koweBetway Premiership ngo-Mgqibelo ngo-17h45 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Iya kulo mdlalo nje, iguqise iRi-chards Bay FC ngo-2-1 koweligi ngoLwesithathu ebusuku kuyo le nkundla yasePolokwane.
Amagoli eChiefs ashaywe nguWandile Duba no-Ashley du Preez, kwathi eleBay labhakuzi-swa nguYanela Mbuthuma.
IChiefs izoya kulo mdlalo we-AM ngaphandle kukaReeve Frosler odlala emuva okhi- shwe ngekhadi elibomvu emdlalweni weBay. UNabi usonga ngoku-phinda aqhoboze i-AM kule nku-ndla.
“Okokuqala nje, ngithanda ukubonga abalandeli bethu abaphu-me ngobuningi babo ukuzoseseka emdlalweni neBay.
“Sikuqonda kahle ukuthi besi-nekhefu (leFifa) esiye kulona iki-labhu ingenzi kahle, imiphumela ibheda, kodwa banquma ukuzose-seka kunjalo.
“Benze umsebenzi omkhulu, ba-wufakile umfutho kubadlali be-thu.
“Ngiyababonga kakhulu ngalo-kho, la maphuzu amathathu ngiwabhekisa kubona.
“Sinqume ukungabuyeli eGoli kodwa lo mdlalo olandelayo siwu-gijime kuyona le nkundla.
“Nakuwona lo mdlalo sihlose ukuyoyihlasela i-AM umdlalo uqa-la kuze kube uyaphela, kufanele ikulindele lokho.
“Siwuthatha njengomqoka nge-ndlela eyisimanga lo mdlalo, kufa-nele bakulindele ukuthi bazosebenza kanzima kulo mdlalo yinga-kho singazange sifune ukunyakaza kule nkundla,” esho.
I-AM yona iya kulo mdlalo ibu-ya endukwini ka-3-2 eyithole kwi-Lamontville Golden Arrows kanti nayo iqede umdlalo ingasaphelele kukhishwa ngekhadi elibomvu umgadli wayo, uMotebang Sera.
Leli khadi libukeka lizoyishaya kakhulu i-AM kwazise uSera ngu-yena mgadli obukeka ekwazi ukubona ipali kule kilabhu.