Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Kuqhakanjiswa ezokuzivocavoca nokungcebeleka koweMr Price Sport neKappa

Kuqhakanjiswa ezokuzivocavoca nokungcebeleka koweMr Price Sport neKappa

by | 14 October 2025

KUZOHLOMULA amakhasimende azifela ngokuzivocavoca nokuzishayelwa umoya ngobudlelwano obusayindwe isitolo sezimpahla zokugqoka iMr Price Sport kanjalo nabakhiqizi bezimpahla iKappa.

Lobu budlelwano balezi zinkampani zombili bunikeza abathandi bokuzivocavoca nokungcebeleka ithuba lokuzitholela ezakwaKappa ngendlela elula futhi ezingatholakali noma ikuphi.

Lobu budlelwano buzokwenza iMr Price Sport kube isona sitolo esinezimpahla ezimgangathweni zakwaKappa.

Isikhulu sakwaMr Price Sport uPhillippa Feher uzwakalise ukujabula ngalesi sivumelwano nale nkampani yezimpahla zemidlalo ekhiqizwa e-Italy.

Uthe lo bu budlelwano buzoqhamuka nezimpahla ezingeke zitholakala kwezinye izitolo kodwa ezizotholakala kwaMir Price Sport kuphela.

Kuzokhumbuleka ukuthi iKappa ingabaxhasi beqembu lodumo eNingizimu Afrika iKaizer Chiefs njengoba amajezi nezimpahla zaleli qembu zikhiqizwa yile nkampani.

Isikhulu sezoMaketha senkampani iCrick Group eyengamele iKappa uDianri Lutting uthe kuyabajabulisa ukubona izimpahla zabo ezangajwayelekile sezithole ikhaya kwaMr Price Sport okuyisitolo esiwungqa phambili eNingizimu Afrika.

Uthe phakathi kwezimpahla ezizotholakala zakwaKappa ngezikujima, ezokuzipholela nalezo zesitayela ezisemgangathweni.

Uqhube ngokuthi izimpahla zokuzivocavoca asizagcini ngokuthi zigqikwe lapho abantu bejima khona kodwa sebengakwazi ukuzigqokela zona ngezindlela ezahlukene.

Ezisematheni

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona. Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona...

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...