Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Uqophe umlando ozitike ngocansi namadoda awu-1057 emahoreni awu-12

Uqophe umlando ozitike ngocansi namadoda awu-1057 emahoreni awu-12

by | 16 January 2025

ISEMATHENI kulezi zinsuku intokazi eyi-porn star, uBonnie Blue (25), ongowase-United Kingdom, kulandela ukuveza kwakhe ukuthi ulale nabesilisa abangu-1,057 emahoreni awu-12.

Lesi simemezelo esingehlanga kwahle kwabaningi nesibonakale simthela ngehlazo kodwa intokazi lena ephinde ibe yimodeli ku-OnlyFans, ibonakale ingenandaba nabangahambisani nakushoyo.

Enkundleni yezokuxhumana u-X, uBonnie Blue, ufake isithombe sobuso bakhe useqedile ukulala nabesilisa abangaphezulu kwenkulungwane njengokuthembisa kwakhe.

Uveze ukuthi indlu lapho ebenzela khona lomsebenzi wakhe beyigcwele phama njengoba bebebaningi abesilisa abebefuna ukuzovolontiya balale naye.

“Bebengena bengamaqoqo ahlanganise abahlanu,”kusho yena echaza ukuthi uwenze kanjani lo msebenzi wakhe ukuze ube yimpumelelo.

Le ntokazi isike yangena enkingeni ngaphambilini njengoba kuthiwa ubejwayele ukulala nabafana abasebancane.

UCollin Rugg ongusaziwayo uthe imshiye eshaywa ngamahloni into le ntokazi ethi iyenzile.

“Lokhu kungukubulala isisizukulwane njengoba elala nabafana abancane kanjalo namadoda ashadile,”kusho yena.

UBonnie Blue, uthi abazali bakhe bebengameseki kulo msebenzi awenzayo ngoba bebadala kakhulu.

Enye intokazi enabalandeli ku-OnlyFans, uLily Phillips, ithi naye ihlela ukulala nabesilisa abawu-1000 ngoFebruary.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...