
UGIXATSHEZWE ngodilikajele yiNkantolo yesiFunda kwaNongoma owesilisa (46), owadlwengula ephindelela indodakazi yakhe, edinwa wukuthi isiqomile.
Le ndoda yakwaNongoma esingeke siyidalule igama layo ukuvikela isisulu, yagila lo mhlola ngoNtulikazi (July) nyakenye, isisulu sineminyaka ewu-18, sifunda umatikuletsheni. ILANGA lixoxe nesisulu esesineminyaka (19) manje ngemuva kokuphuma kwesigwebo.
“Ubaba wathola ukuthi sengiqomile, sengibuya nokuyolala kubo kwesoka. Wathukuthela wagana unwabu, wangitshela ukuthi ngimphoxile, ubengethemba futhi uzofuna inhlawulo kubo kwesoka. Wakhuluma nomndeni walo, wafuna inhlawulo yenkomo nemali. Bayikhipha inhlawulo yembuzi no-R1000,” echaza.
Uthi ngemuva kokuba sebeyikhiphile inhlawulo kubo kwesoka, uyise wamtshela ukuthi kunzima ukuba amxolele ngento ayenzile. Kuthiwa wathi into engamenza ukuba amxolele, wukuthi alale naye ukuze ezobhodla, kudlule ukudinwa. Uthi wakhala emncenga, exolisa, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, wamdlwengula.
Uthi kwakuyisentathakusa. Uthi ngakusasa ekuseni sekuhambe unina nezingane zakubo, wabuyela kuyena uyise, wathi akadelanga, futhi akukakehli ukudinwa kwakhe, ufuna ukuphinda alale naye. Uthi waphinda wamdlwengula maqede wamesabisa ngokuthi uzombulala uma eke wayixoxa indaba.
“Isigameko sokudlwengulwa kwami, senzeka kuvalwe izikole. Bengiyingane ehlakaniphile, futhi ephaphile esikoleni. Abangani bami nothisha, bakuqaphela uma sekuvulwa izikole ukuthi kukhona okungahambi kahle ngami.
“Ngabatshela iqiniso ngento eyenziwe ngubaba kimina maqede sayovula icala emaphoyiseni. Wathukuthela kwathi makangibulale ubaba uma esethola ukuthi sengimvulele icala, wabe esengixosha emzini wakhe. Wasabisa nomama ukuthi uma eke wangivumela ukuba ngibuyele ekhaya, uzosibulala,” echaza.
Isisulu siveze ukuthi uyise ubevele engumuntu onesihluku, njengoba ubebahlukumeza nonina. Sitshele ILANGA ukuthi yize sijabule ngokugwetshwa kukayise ngento ayenza, kodwa siphatheke kabi ngoba izingane zakubo ezincane, zizokhula zingenaye ubaba ngenxa yakhe.





