Ilanga News
Home 9 Ezokungcebeleka 9 Ezempilo 9 UNgqongqoshe wezeMpilo ugqugquzele ubuqotho kudodana lwaseWeseli

UNgqongqoshe wezeMpilo ugqugquzele ubuqotho kudodana lwaseWeseli

by | 29 October 2025


UGQUGQUZELE ukuziphatha ngobuqotho nokuzihlonipha kwamadoda uNgqongqoshe wezeMpilo eKZN, uNkk Nomagugu Mngadi ngesikhathi esemcimbini webandla lamaWeseli, iYoung Men’s Guild Thanksgiving Service obungoMgqibelo, eSikhawini ngaphansi kwesifunda iKing Cetshwayo. Ungqongqoshe uncome izinsizwa zaleli bandla ngokuqoka indlela yokuziphatha nokuba senkonzweni esikhathini lapho iningi liqoka khona impilo esheshayo enobukhazikhazi.

“Siphila esikhathini esisheshayo lapho iningi lifuna impumelelo ngaphandle kokusebenza kanzima, lifuna impilo ewubukhazikhazi. Njengamalungu aleli bandla siyanxusa ukuba nehluke kwabanye niqhakambise ukuzihlonipha nobuqotho. Uma sifuna umphakathi ophephile nonobubele kumele sakhe isisekelo esinokuthembeka, inhlonipho nokuziphatha okuhle,” esho.

Uphinde wahlaba ikhwelo kwelokuhlukunyezwa kwabesifazane (Gender Based Violence) wathi amadoda awabe ngabavikeli, wathi udlame lobulili luphikisana nayo yonke into owesilisa okumele engabe uyiyo. “Indoda yangempela kayilimazi, iyavikela futhi ivikele abesifazane nezingane. Imiphakathi yethu idinga amadoda athatha abesifazane njengabantu bokusebenzisana nabo hhayi okwezinto ezidinga ukulawulwa,” kusho ungqongqoshe.

Unxuse izinsizwa ukuba zibe yisizukulwanee esizobuyisa isithunzi nokwelapheka emakhaya nasemphakathini lapho ubuhlungu sebenziwe khona into eyejwayelekile. UNkk Mngadi uthe ubudoda kabusho ukukwazi ukunakekela ngokwemali kuphela kepha kusho nokukwazi ukuzinakeke ngokomoya nangokomzimba.
“Hambani niyohlolela izifo, nazi ngesimo seHIV, niqaphele i-prostate cancer, i-hypertension nesifo sikashukela. I-prostate cancer isaqhubeka nokuba wumdlavuza obulala buthule futhi okungakhulunywa ngawo kepha odla lubi kubantu besilisa bebala elinsundu.” Unxuse amadoda ukuthi aqale ezikhungweni zezempilo ngaphambi kokuya kubelaphi bendabuko

Ukhuze nophuzo oludakayo olubukeka lukhula entsheni wathi lokhu kubulala imindeni.
“Sekuyimfashini futhi kuyajatshulelwa ukuphuza ngokweqile noma ukusebenzisa izidakamizwa. Lo mkhuba ubulala isizwe sethu, uma kugcwele intuthu emqondweni namaphupho ayashabalala. Uma siqhubeka ngale ndlela sizolahlekelwa yisizukulwane,” esho. Uphinde wakhala ngomkhuba wokungaziphathi kahle okubalwa ukuzalisa bese belahla izingane.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...