Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kukhuzwa umgangela eMkhosini weLembe

Kukhuzwa umgangela eMkhosini weLembe

by | 23 September 2025

UMNYANGO wezobuCiko namaSiko, KwaZulu-Natal, uxwayisa abantu abaphendula uMkhosi weLembe inkundla yomgangela, babhulane ngezinduku. Lokhu kuthiwa bakwenza nangesikhathi iSilo uMisuzulu kaZwelithini, sethula inkulumo.

Imithwalo isobhokweni, njengoba zonke izindlela kusasa ngoLwesithathu, zizobe zibheke KwaDukuza, emkhosini wokukhumbula amagalelo eSilo uShaka kaSenzangakhona, okuyiso esabumba isizwe samaZulu. 

Lo mkhosi obanjelwa KwaDukuza minyaka yonke, uxhaswa wuMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, ophethwe nguMnu Mntomuhle Khawula.

Umgubho uzoba sezinkundleni zemidlalo, eStanger High School, kusukela ekuseni. Isitatimende esikhishwe wuMnyango, sithi iSilo sikhuza umkhuba ovama ukwenziwa ngamanye amabutho asuke ehambele lo mkhosi, abonakala esebhulana ngezikhwili.

UMkhosi weLembe uya ngokuya udlondlobala minyaka yonke, njengoba kusuke kuyothandazwa, KwaDukuza uma kuyilanga lawo. 

“Abanye abasuke behambele lo mkhosi babuyela emakhaya bengezwanga ukuthi iMbube ikhulume yathini, ngoba balibala ukubukela umgangela, noma babeyingxenye yawo. 

“Kuwukungasihloniphi iSilo lokhu, ukuthi uma sikhuluma, kube khona abazenzela izinto zabo ezibheke eceleni. Umnyango uchitha imali enkulu ulungisela lo mkhosi ngoba kuqashwa amabhasi, futhi kuhlinzekwa abawethamele ngokudla. 

“Wumkhosi obalulekile lona, ngoba iNdlulamithi isuke yedlulisa umyalezo osemqoka kubantu abawethamele, okufanele uma sebebuyela emakhaya benze njengoba ishilo. Kwakhiwa futhi kuqiniswe isizwe ngalo mkhosi. Uma kunamabutho azohluleka ukuziphatha, kungcono angabi yingxenye yalo mgubho osemqoka kangaka, esizweni samaZulu,” kusho uMnyango wezobuCiko.

Amabhasi, nezinye izinto zokuthutha, sezihleliwe ezisuka emahostela azungeze iTheku, nasezifundeni ezahlukene KwaZulu-Natal. UNgqongqoshe uKhawula, noMntwana waseZibindini, uMntwana uThulani Zulu, yibona abazophatha uhlelo, ngoLwesithathu. 

EMkhosini weLembe, uma iSilo sesiqedile ukwethula inkulumo yosuku, kuzokube sekuhutshwa amahubo, ayehutshwa ngesikhathi seLembe. Izimbongi, eziholwa yiNyosi uBuzetsheni kaSombila Mdletshe, kuba yizona ezigcina eshashalazini zihashe iLembe, zilithethise. 

Yizinkumbi zabantu ezilindeleke kulo mgubho, njengoba abanye basuke bevela kwezinye izifundazwe njengeseGauteng nase-Eastern Cape.

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...