
UHLEHLISWE ngemizuzu yokugcina umhlangano wesigungu esiphezulu seSouth African Football Association (Safa) obekumele ubengoMgqibelo eSafa House, Egoli.
Kuthiwa ukuhlehla kwalo mhlangano kube yizinselelo iSafa eyehlulekile ukumelana nazo ezingaphezu kwamandla. Kwenzeka lokhu nje, kusanda kuvela kwabezindaba ukuthi iSafa ibhekene nobunzima ngasemalini.
Kuthiwa lokhu kuze kwaholela ekutheni le nhlangano ihlehlise ukukhokhelwa kwabasebenzi basehhovisi layo elikhulu ngenxa yokuthi enye yezinkampani esebenzisaya nayo ikhokhe sekudlule isikhathi.
Yize kunjalo, iSafa isanda kuhlabana ngabaxhasi abasha bakwaHonor okuyinkampani ekhiqiza omakhalekhukhwini efike kwezwakala kwezokuxhumana. Kuthiwa kungase kubekhona nesinye isivumelwano ezosimemezela khona maduzane.