Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Uhlehliswe ngemizuzu umhlangano wesigungu esiphezulu seSafa

Uhlehliswe ngemizuzu umhlangano wesigungu esiphezulu seSafa

by | 27 March 2025

UHLEHLISWE ngemizuzu yokugcina umhlangano wesigungu esiphezulu seSouth African Football Association (Safa) obekumele ubengoMgqibelo eSafa House, Egoli.

Kuthiwa ukuhlehla kwalo mhlangano kube yizinselelo iSafa eyehlulekile ukumelana nazo ezingaphezu kwamandla. Kwenzeka lokhu nje, kusanda kuvela kwabezindaba ukuthi iSafa ibhekene nobunzima ngasemalini.

Kuthiwa lokhu kuze kwaholela ekutheni le nhlangano ihlehlise ukukhokhelwa kwabasebenzi basehhovisi layo elikhulu ngenxa yokuthi enye yezinkampani esebenzisaya nayo ikhokhe sekudlule isikhathi.

Yize kunjalo, iSafa isanda kuhlabana ngabaxhasi abasha bakwaHonor okuyinkampani ekhiqiza omakhalekhukhwini efike kwezwakala kwezokuxhumana. Kuthiwa kungase kubekhona nesinye isivumelwano ezosimemezela khona maduzane.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...