
UKHALA ngokuba buthuntu kwabadlali bakhe phambi kwamapali umqeqeshi weKaizer Chiefs uFernando da Cruz waseFrance.
IChiefs iphoxe abalandeli bayo iphuma zibekwa emqhudelwaneni weMTN8, ihlulwa ngo-1-0 yiLamontville Golden Arrows kwi-quarter final ngeSonto ebusuku eFNB Stadium, eSoweto.
UBrandon Petersen ube nesandla ekuphumeni kweChiefs njengoba uKhulekani Shezi we-Arrows egobe ibhola walibhekisa emapalini eziMpofana kanti lo nozinti uphumile endaweni yakhe wathi uzama ukulivimba ngesandla langena enethini yangakubo.
UDa Cruz uthi bazenzele bona phansi kulo mdlalo.
“Lo mdlalo bekufanele siqede nje ngawo ngesiwombe sokuqala, sakhe inqwaba yamathuba kodwa sangawasebenzisa.
Sikulesi simo nje kungenxa yethu. Uma ungawasebenzisi amathuba owatholayo ugcina ngokujeza. Izimbangi zifike kanye epalini lethu zashaya igoli eziwine ngalo,” kusho uDa Cruz.
Ebuzwa ngephutha elenziwe nguPetersen okuyilona elibakhiphe kulo mqhudelwano uthe:
”Igoli angilibonanga kahle kodwa-ke ngeke ngikhombe umuntu oyedwa ngoba uma sihlulwa sihlulwa njengeqembu, kasibheki umuntu oyedwa,” kusho uDa Cruz.







