Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Inkantolo yase-Europe ivune uCaster Semenya

Inkantolo yase-Europe ivune uCaster Semenya

by | 10 July 2025

INKANTOLO yamaLungelo aBantu e-Europe ikhale ngokungenziwa kobulungiswa odabeni lukaCaster Semenya ongumgijimi wakuleli, owamiswa kwezokugijinywa esolwa ngokuba namandla amaningi kunabanye abagijimi besifazane.


Lo msubathi wamiswa yiWorld Athletics (WA) kwezokugijima imsola ngokuba nezinga eliphezulu le-testestorone, okuyi-hormone evame kwabesilisa, ebenza babe namandla kunabesifazane. Wayalelwa ukuba athathe amaphilisi okwehlisa izinga lale hormone emzimbeni wakhe uma esazimisele ngokuncintisana nabanye besifazane.

Lo msubathi waseLimpompo wakunqaba lokho. Okunye ayebekelwe kona wukuba agijime amabanga amade kune-800m abegila izimanga kuyona.


UCaster ube esethatha udaba lwakhe waluyisa kwi-Court of Abritration for Sport, yamchitha. Ube eseludlulisela kwiSwitzerland Supreme Court, nayo yamchitha. Ngemuva kwalokho udaba ulwedlulisele eNkantolo yamaLungelo aBantu e-Europe.

UCaster unezindondo ezimbili zama-Olympic Games. Kuthiwa manje udaba lwakhe kuzofanele luphindele kwiSwitzeland Supreme Court, kanti iHuman Right Court ithe ngeke izingene ezinye izinto lo msubathi akhala ngazo.

Kumanje, uCaster ungumqeqeshi ongaconsi phansi kuleli njengoba abasubathi bakhe begila izimanga emijahweni yakuleli. Omunye wabasubathi bakhe ovelele nguGlenrsose Xaba ophethe irekhodi lakuleli leMarathon nele-10km kanti kubhekwe lukhulu kuyena ngeSonto kwi-Absa Durban 10k.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...