Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uhlose ukufukula intsha othenge iMandini Country Club

Uhlose ukufukula intsha othenge iMandini Country Club

by | 16 May 2025

UFISA ibewusizo ekuthuthukiseni abantu abasha baseMandeni indawo yakhe yokudlala igalofu, iMandeni Country Club, esizokwaziwa nge-Noble Village, uDkt Emmanuel Ngcobo, othathe izintambo zokuphatha le ndawo ngemuva kokuthengiselana yona nenkampani yephepha namahlathi iSappi ekuqaleni kwenyanga eyedlule.

ILANGA libe nengxoxo noDkt Ngcobo, obuye abengumfundisi webandla iTrue North Church, walilandisa kabanzi ngezizathu ezimholele ekuthengeni le ndawo, ayethenge ngaphansi kwenhlangano yakhe iNoble Leaders Foundation.


“Ngesikhathi uSappi eyakha, wagxila kakhulu ekutheni izohlala izisebenzi zakhe, okuthe uma kuhamba isikhathi yangabe isanakekeleka ngendlela. Besiqashe elinye lamahholo, silisebenzisa njengesonto, nokuthe uma kuvela ukuthi indawo seyiyadayisa, ngaxoxisana nabaphathi ngesifiso sami sokuyithenga,” esho.


Uthi ukuyithenga akubanga lula njengoba kuphoqe ukuthi ayohlala phambi kwezikhulu zakwa-Sappi azichazele ngendlela azokwenza ngayo imali kule ndawo, ayenze ibhizinisi ukuze zimkhululele yona. Uthi nakuba zikhona izinhlelo zokwenza ibhizinisi kodwa akufisa kakhulu ukuthi akhiqize intsha ezoba abaholi abaqotho.


“Phakathi kwezindlela engizichazile ukuthi le ndawo izoba ngenye yalezo eziletha umnotho emphakathini waseMandeni. Izinhlelo zizophinde zibe wusizo lapha njengoba sizohlinzeka ngendawo amabhizinisi amancane, ukuqeqesha intsha ngamakhono, ukuqeqesha abantu abasha ngezemidlalo ezehlukene ekubalwa ibhola lezinyawo, igalofu nokunye okuningi. Le indawo ingaphinde isetshenziswe nayilabo abafisa ukuyiqasha uma benemicimbi efana nemishado, izinkonzo nokunye,” esho.


UNgcobo uthi ngenyanga ezayo uzokwenza indumezulu yomcimbi lapho ezobe ethula khona ngokusemthethweni isikole esizofundisa abantu abasha ukudla igalofu. Uthi kuzoqokwa abafundi abawu-20 abazocijwa kabanzi ngegalofu mahhala. Uthi laba bafundi bazohlonzwa ezikoleni zendawo njengoba sebecelile kothishanhloko ukuba babalekelele ekuhlonzeni abafundi abanothando lokudlala lomdlalo.


“Lolu suku lwangomhlaka 16 wenyanga ezayo akulona usuku lokwethulwa kwesikole nje kodwa wusuku esihlose ngalo ukuhlanganisa umphakathi waseMandeni wonakana uzochitha izisikhathi sawo lapha. Yikho sithe phezu kokwethulwa kwesikole, lolu suku luzophinde kube elokuhlangana kwemindeni izojabula ngezinhlelo ezehlukene esizozihlinzeka. Nginethemba lokuthi lendawo izodlondlobala, ikhiqize abaholi abazoba sebalazwe,” kuphetha uNgcobo.

Ezisematheni

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

Uchazwe njengesibusiso onikele ngoR200 000 esikoleni saseNanda

UCHAZWE njengesibusiso esikoleni samabanga aphakeme Inanda Newtown Comprehensive High School usomabhizinisi onikele ngesamba sikaR200 000 ukusiza abafundi abadinga usizo nezidingo zesikole. UMnu Sandile Msomi ongumnikazi wezinkampani iQiniso Protection Services...

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

Ijaji ‘leseka’ umthetho welobolo osuqubule ingebhe

UGALAGALA lweJaji eselithathe umhlalaphansi, uMjabuliseni Madondo, lithi akukho okungalungile ngoMthetho wesiNtu, olawula umshado ohlanganisa amafa. INkantolo yoMthethosisekelo, isanda kuphasisa uMthetho othi, uma sekuke kwafika abakhongi, baqala izingxoxo zamalobolo,...

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

Lenyukile inani lezivakashi ngonyaka owedlule

UNGQONQGOSHE wezokuVasha kuZwelonke, uNkk Patricia de Lille uzishaya isifuba ngokwenyuka kwesibalo sabantu abavakashe eNingizimu Afrika, ngonyaka odlule (2025). Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uNkk de Lille, uthe zingu 10,4 million izivakashi ezitheleke ezweni...