Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 UNtuli ugxeke abashaye indiva izimpawu zokuhlukunyezwa kobulawe umyeni

UNtuli ugxeke abashaye indiva izimpawu zokuhlukunyezwa kobulawe umyeni

by | 23 December 2024

UGXEKE abashaye indiva izimpawu zokuhlukumezeka kuka-Nkz Nontobeko Cele (23) ogwazwe wabulawa umyeni yakhe uMnu Sibusiso Ntaka ngoLwesibili olwedlule uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli.

UNtuli ubekhuluma namuhla emngcwabeni ka-Nkz Cele oqhubekayo ehholo lomphakathi eMandawe. 

Uthi ukholwa ukuthi ukube abasondelene nalentokazi baphumela obala ngezimpawu zokuhlukumezeka kwayo abebezibona bekuzoshaya ukhisimusi sisadla anhlamvana. 

“Siyawugxeka umphakathi nezihlobo owathula wangangenelela ukukhuza lesi sihlava sokuhlukunyezwa komuntu wesifazane.

Mhlawumbe ubezowugubha nathi ukhisimusi ukube kukhona okwenziwa ukumhlenga ekuhlukunyezweni ekuthiwa ubebhekene nakho,” esho.

Udlulise amazwi enduduzo kubo emndenini nababesondelene nomufi, wabe esenxusa amalungu omphakathi ukuba abambisane kuliwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...