
IZISULU zezikhulula ezashiya kukhalwa eThekwini ngo-2022, zikhale mi izinyembezi zenjabulo ngesikhathi uNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu kuzwelonke, uNkz Thembi Simelane, ezifaka ezindlini ezintsha ezakhelwe zona.
UNgqongqoshe uSimelane ubephelezelwa nguzakwabo waKwaZulu-Natal, uMnu Siboniso Duma, benika lezi zisulu izindlu ngoLwesine ekuseni. Izisulu zezikhulula zifakwe ezindlini ezintsha eWinkelspriut, ngaseManzimtoti, nezinye eCornubia, ngaseMhlanga.
Izikhukhula zango-2022 zedlula nemiphefumulo ebalelwa ku400, kanti izisulu kwaphoqeleka ukuthi zikhoseliswe emahholo omphakathi, eThekwini. UNkk Welile Mlambo, ongomunye wabathole indlu, uthi impilo ibinzima kule minyaka emithathu, edlule.
“Ngiphila ngempesheni kahulumeni yokuguga. Abantwana bami abasebenzi, baphila ngemali yezibonelelo zikahuluemeni. Siyabonga ukuthi sesizoba nophahla phezu kwamakhanda ethu,” esho.
UNgqongqoshe uSimelane ubebaduduza abebekhala ngenxa yezinyembezi zenjabulo.
“Akuwona umkhankaso lona, njengoba sekuzoba nokhetho lohulumeni basekhaya, ngonyaka ozayo. Kuningi esikwenzayo siwumnyango, ukusiza le miphakathi eyehlelwa wumshophi wezikhulula,” kusho uNgqongqoshe uSimelane.
UDuma uvumile ukuthi kuthathe isikhathi eside ukwakhela izisulu lezi zindlu, ngenxa yokuthi bebesazama ukulungisa umhlaba. Ibalelwa ku- 200 eminye imindeni esazofakwa ezindlini ezakhiwayo, ungakashayi uZibandlela (December) kulo nyaka.
menzi.jele@ilanganews.co.za.







