Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubulawe abanye ‘beWest Gang’ eNanda

Kubulawe abanye ‘beWest Gang’ eNanda

by | 18 February 2025

KUSOLWA ukuthi bayathinteka eqenjini lezigilamkhuba elibizwa ngeNanda West Gang abasolwa ababili abadutshulwe babulawa ngamaphoyisa eNhlungwane Nanda ngoLwesibili ekuseni.

Amaphoyisa aveze ukuthi adubule abulala abasolwa ababili kwathi owesithathu waboshwa ngesikhathi kunokudubulana phakathi kwawo nalaba basolwa.

Ngokusho kwamaphoyisa athi alunywe indlebe ithimba lezobunhloli eliveze ukuthi bakuziphi izinkalo laba basolwa abebefunelwa ubugebengu obahlukene endaweni okukhona nobokugqekeza emzini.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal uColonel Robert Netshiunda uthe ngesikhathi amaphoyisa egasela kulo muzi obekhona kuwona laba basolwa ahlangatshezwe ngezulu lezandla kwase kuphoqa ukuthi aphindisele.

“Ngesikhathi amaphoyisa engqongqoza ezethula ukuthi angobani aphendulwe ngentululwane yezinhlamvu nokugcine kuphoqa ukuthi nawo aphindisele ngokudubula kwagcina kushona abasolwa ababili kwathi oyedwa waboshwa,” echaza.

UNetshiunda uthe abasolwa batholwe nezibhamu ezimbili.

Uqhube ngokuthi umsolwa oyedwa ongalwanga namaphoyisa ugcine ngokuboshwa.

UNetshiunda uthe ezinsukwini ezimbalwa ezedlule amaphoyisa aqala athola ulwazi kumalungu omphakathi mayelana nalaba basolwa abathinteka ebugebengunwini basendaweni.

Uphenyo lwabo olungakaphothulwa luveze ukuthi laba basolwa bayingxenye yaleli qembu elisematheni kulezi zinsuku kulandela ukubulawa komholi walo emasontweni amabili adlule.

Lo msolwa kulindeleke ukuba avele maduze enkantolo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...