Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubulawe abanye ‘beWest Gang’ eNanda

Kubulawe abanye ‘beWest Gang’ eNanda

by | 18 February 2025

KUSOLWA ukuthi bayathinteka eqenjini lezigilamkhuba elibizwa ngeNanda West Gang abasolwa ababili abadutshulwe babulawa ngamaphoyisa eNhlungwane Nanda ngoLwesibili ekuseni.

Amaphoyisa aveze ukuthi adubule abulala abasolwa ababili kwathi owesithathu waboshwa ngesikhathi kunokudubulana phakathi kwawo nalaba basolwa.

Ngokusho kwamaphoyisa athi alunywe indlebe ithimba lezobunhloli eliveze ukuthi bakuziphi izinkalo laba basolwa abebefunelwa ubugebengu obahlukene endaweni okukhona nobokugqekeza emzini.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu Natal uColonel Robert Netshiunda uthe ngesikhathi amaphoyisa egasela kulo muzi obekhona kuwona laba basolwa ahlangatshezwe ngezulu lezandla kwase kuphoqa ukuthi aphindisele.

“Ngesikhathi amaphoyisa engqongqoza ezethula ukuthi angobani aphendulwe ngentululwane yezinhlamvu nokugcine kuphoqa ukuthi nawo aphindisele ngokudubula kwagcina kushona abasolwa ababili kwathi oyedwa waboshwa,” echaza.

UNetshiunda uthe abasolwa batholwe nezibhamu ezimbili.

Uqhube ngokuthi umsolwa oyedwa ongalwanga namaphoyisa ugcine ngokuboshwa.

UNetshiunda uthe ezinsukwini ezimbalwa ezedlule amaphoyisa aqala athola ulwazi kumalungu omphakathi mayelana nalaba basolwa abathinteka ebugebengunwini basendaweni.

Uphenyo lwabo olungakaphothulwa luveze ukuthi laba basolwa bayingxenye yaleli qembu elisematheni kulezi zinsuku kulandela ukubulawa komholi walo emasontweni amabili adlule.

Lo msolwa kulindeleke ukuba avele maduze enkantolo.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...