Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bekulungiselelwa umsebenzi wesintu emzini okuqwothwe kuwona abangu-11

Bekulungiselelwa umsebenzi wesintu emzini okuqwothwe kuwona abangu-11

by | 23 September 2026

BASHONE belungiselela ukwenza umsebenzi wesintu abesilisa ababili kwabangu-11, abadutshulwe besendlini, ePhampasi, KwaMakhutha ngoLwesibili ebusuku.

Lezi zindaba zivezwe nguNkz Nomusa Zulu ongunina kaMnu Mlungisi Memela (35) noMnu Sicelo Memela (33) abashone nabangani babo ngesikhathi kufika abesilisa bevulela ngenhlamvu besendlini. UNkz Zulu utshele ILANGA ukuthi indodana yakhe endala uMlungisi icishe yashona nezingane zayo, ngenhlahla ibizihambisile ekhaya njengoba ibizijabulela nabangani bayo, njengoba bebelungiselela umsebenzi obuzokwenziwa maduze.

“Ngibuhlungu ngokwenzekile. UMlungisi nguyena obakha umuzi njengoba ebezibambela amatoho. Ubezijabulisa nabangani bakhe njengoba silungiselela uomsebenzi njengoba esanda kuqeda ukwakha indlu. Mina ngihlala e-Adams Mission, ngize ngoba sengizwa kuthiwa usedutshulwe nabangani bakhe, bashona. Ngihluleke nawukubabukisisa ngendlela engithuke ngayo. Nokuthi bekwenzenjani, angazi. Kukhona intombazane esindile ebizama ukuchaza ukuthi kwenzekeni, kodwa ingazwakali uma ithi iyakhuluma, ngendlela ebilimele ngayo,” esho.

ILANGA lifika kule ndawo, izidumbu bese zimboziwe zigcwele egcekeni phambi kwendlu okuthiwa abafi badutshulelwe kuyona. Umphakathi obubukeka uthukile ubusaba nokukhuluma, kodwa abanye bebethi basola indaba yezidakamizwa.

Amanye amalungu omphakathi abebuzana wodwa ukuthi konje azongcwaba kanjani njengoba bebaningi kangaka abantu abashonile, futhi bakhelene.

Ngesikhathi bedutshulwa, kuthiwa ababulali badubule nemoto kaMlungisi eyiVW Polo Vivo, ebipake ngaphesheya komuzi njengoba ungekho umgwaqo ongena egcekeni lapho kwenzeke khona isigameko. Kuthiwa bayidubule yavutha njengoba ishe yaphela.

Sekuthuthwe izidumbu, umndeni nomakhelwane basale bahlanza indlu okwenzeke kuyona isigameko. Ububona ngegazi elingamathantala belidonsa ngemishanelo.

UNdunakulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli  ozifikele mathupha endaweni yesigameko, uthembise abantu bakule ndawo ukuthi uzokwenza konke okusemandleni ukuthi kutholakale abenzi bobubi.  Uthe uzokwenza nohlelo lapho abantu bezokwazi ukukhuluma ngokukhululeka, baveze bonke ubugebengu obenzeka endaweni.

Ezisematheni

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...

Amaqembu azibophezele okhethweni olukhululekile

Amaqembu azibophezele okhethweni olukhululekile

AMAQEMBU angenele ukhetho loHulumeni baseKhaya, olungomhla ka-4 kuLwezi (November), asayine imigomo yokuzibophezela ekutheni azokwenza ukhetho lube ngolukhululekile, futhi lungabi nazihibe. Abesayina eMidrand, eGauteng, namuhla ngoLwesithathu. USihlalo we-Electoral...

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

Babulale owesilisa bezitshela ukuthi ungumbulali waseKempton Park

KUBULAWE owesilisa efaniswe nomuntu okusolwa ukuthi uyena obulala abesifazane abatholwa beshonile eKempton Park, eKurhuleni. Umufi uMnu Vusumuzi Radebe kuthiwa uhlaselwe yiqulu labantu eKurhuleni esolwa ngokuthi ungumbulali wabesifazane njengoba kutholakala izidumbu...