Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ubedivosa nomyeni uthisha odutshulwe wabulawa yisoka

Ubedivosa nomyeni uthisha odutshulwe wabulawa yisoka

by | 8 August 2026

Kubikwa ukuthi ubeseqale izinhlelo zokwehlukanisa umshado wakhe uthisha odutshulwe wabulawa yisoka lakhe elisha, esigamekweni ese- nzeke ngoLwesibili KwaMachi, eHarding.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Mthobisi Ndlovu (30), oshayela amatekisi, udubule wabulala intombi yakhe, uNkk Nomfundo Cwele, uMaMteshane (27), onguthisha eMzinhlanga Primary School, eHarding, noninalumekazi uNkz Cynthia Ndlovu (40).

ILANGA lithole ukuthi ngoLwesibili uNdlovu unikele emzini wentombi yakhe, watshelwa ukuthi kayikabuyi emsebenzini. Kuthiwa ube esecela owesifazane amfice emzini wayo ukuba amfonele, ambuze ukuthi ukuphi, wamtshela ukuthi usetekisini, kodwa usezokwehla.

Kubikwa ukuthi uNdlovu ube eseyomlinda esitobhini, okuthe uma ehla, wavulela ngenhlamvu kuNkk Cwele-Mteshane, washonela lapho. Kuthiwa uNdlovu uqede lapho wayodubula uninalumekazi uNkk Ndlovu, wasuka lapho wanikela endlini yakhe, wafike wazidubula, naye washona.

ILANGA lithole ngomthombo ukuthi uNkk Cwele-Mteshane ubulawa nje, ubeseqale izihlelo zokwehlukanisa nomyeni wakhe, abese beshade iminyaka engaphezu kweyisihlanu. Ngokusho kwawo, umyeni kaNkk Cwele-Mteshane uhlukane naye ngemuva kokubikela umndeni ukuthi akaziphethe kahle emshadweni wabo.

Umthombo uthi uNkk Cwele-Mteshane ubulawa nje, ubesebuyele kubo, engasahlali nomyeni, esethole isoka elisha (uNdlovu). Ngokusho kwawo, bayasola ukuthi uNkk Cwele-Mteshane ubesenalo ulwazi lokuthi uNdlovu kukhona okubi afuna ukumenza khona, njengoba kuthiwa ubengasahambi ngemoto yakhe uma eya emsebenzini.b

ILANGA likhulume namalungu omndeni kaNdlovu, athe ayasola ukuthi konke lokhu ukwenze esekuhlelile uNdlovu. Uninalume kaNdlovu, uMnu Musa Ndlovu, uthe usadidekile ukuthi umshana wakhe ubengenwe yini egila le mihlola.

“Okwamanje kasikasazi isizathu sokuthi kungani umshana enze lento ayenzile. Ngokubona kwethu, ubesekuhlele kahle lokhu akwenzile, ngendlela acuphe ngayo izikhala. Emuva kokudubula intombi yakhe, ufike la kwami walinda kwaze kwahamba izingane njengoba inkosikazi yami inenkulisa khona lapha egcekeni, wase eyayidubula, wayibulala. NakwaMachi sizwe kuthiwa intombi yakhe uyilindile yaphuma esikoleni, wase eyayidubula,” kusho uNdlovu.

Uthe okwamanje kakukuningi abazokusho, kodwa basafuna ukuthola iqiniso ukuthi yini eholele ekutheni umshana wakhe enze lokhu akwenzile. Ngokumazi kwabo, uthe ubengeyena umuntu oyisixhwanguxhwangu, bayadideka ngakwenzile. Uthe intombi kamshana wakhe, ibike ifike kuyena eZingolweni imvakashele, futhi ihlale izinsuku.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Ntathu Ndlovu, uthe amaphoyisa aseHarding aphenya amacala amabili okubulala, nelilodwa lokufa komuntu emuva kwesigameko, lapho owesilisa kusolwa ukuthi udubule wabulala abesifazane ababili.
Umsolwa kuthiwa uphendule isibhamu wasibhekisa kuyena, wazidubula.

Ezisematheni

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

Ubonga i-IFP esukumele phezulu olaxaze i-ANC

OBEHAMBA phambili ekhankasela i-ANC, uChwaite Songca osejoyine i-IFP, uthi kuqala ngaleli qembu ukuthi kuxhaswe umcimbi wakhe iSouth Beach Young Stars Tornament ahlose ngayo ukusiza intsha ukuthi ingangeni ezidakamizweni. UChwaite ukusho lokhu njengoba...

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

Awepolitiki anxuswe ukugcizelela eyokhetho olunokuthula

UKUVUTHWA nokubekezelelana kwipolitiki uthe yikhona okuzodala uzinzo uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamnsanqa Ntuli ngesikhathi ehlangene namaqembu epolitiki ehlukene nabengamele ukhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), e-Archie Gumede Conference Centre,...

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

Ungqongqoshe ukhathazekile ngeyodlame ezikoleni

UNGQONGQOSHE wezeMfundo, KwaZulu-NataL, uMnu Sipho Hlomuka, uthi imumi emphinjeni idaba yokuhlukunyezwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe. Isigameko sakamuva, senzeke esikoleni iBukimvelo High School, eZibayeni, eHluhluwe, esifundeni uMkhanyakude. Abafundi bakaGrade...