
IZETHEMBA ngephimbo elinenkosi phakathi intokazi esematheni kulezi zinsuku uTarzan Nelisa osanda kukhipha ulozolo lwengoma yothando esihloko sithi Seyinomnikazi ephume ngenyanga eyedlule.
UTarzan ogamalakhe langempela uNelisa Nompumza udabuka eBizana kodwa ukhulele eMthwalume nokuyilapho uthando lomculo luvele khona kuyena.
Ekhuluma ngokukhethekile neLANGA uthe uqale esikoleni ngaphambi kokudlulela ekhwayeni yendawo uMzumbe Inspirational Choir okuyigwaya esike yabonakala icula nabaculi abadumile okubalwa kubo uSneziey noZandie Khumalo.
UTarzan uveze ukuthi umculo bewulokhu usenhliziyweni yakhe nangesikhathi engaphansi kwayo le khwaya engaphansi kwenkampani iSold Out Media ephethwe uXolani Majozi.
Uthe ukuzimela kwakhe emculweni kufike ngesikhathi ehleli estudio neqembu iWoodblock DJs yodumo lwengoma iSkuta.
“Ngaleso sikhathi senza ingoma esihloko ithi Asingamavaka,” kusho yena eveza ukuthi ngale ngoma wayesezwa amanzi ngobhoko ngokuzimela emculweni.

Uveze ukuthi ukhuthazekile ngokuhlangana nabantu abafana noMthandazo Gatya owaduma kakhulu ngokuhlanganyela nesihlabani saphesheya uJohn Legend noMnqobi Yazo.
“Aabantu abafana nalaba nokuba se-studio esisodwa nabo kungikhuthaze kakhulu ngabona ukuthi uma ngingazimisela ngigxilise umqondo wami emculweni likhona ithemba,” kusho uTarzan oveze ukuthi ubevele elithemba iphimbo lakhe lokucula.
Uthe ukuthola ukukhuthazwa yilaba baculi kwenze ukuzithemba kwakhe kwanyukela kwelinye izinga.
Ngomhla ka-3 kuNtulikazi nonyaka uTarzan udedele ingoma esihloko sithi Seyinomnikazi edlalwa kakhulu emisakazweni eyahlukene kanti nasezinkundleni zokuxhumana ikhombisa ukuthokozelwa.
Udalule ukuthe usebenzela ukukhipha ukukhipha i-EP ungakapheli lo nyaka njengoba esenezingoma ezimbili asezenze noMnqobi Yazo kanti usebenza nabadidiyeli bezingoma asebe negama njengoba ebalule uDust, Zakwethu noBabumncane.
Uthe izingoma zakhe zizoxuba izihloko ezahlukene njengoba zizoba khona ezothando kanjalo nezinye ezithinta impilo jikelele.
UTarzan uthe ufisa umculo wakhe ungagcini ngokuthokozelwa kuleli phela kodwa ukwazi ukusabalala nakwamanye amazwe.
Uthe ukusebenza nomuntu onjengoMajozi osebenzisana neMambazo kuzokwenza lifezeke leli phupho kwazise usenegama nakwamanye amazwe ngalo leli qembu eselike lahlabana nezindondo zama-Grammy.
Uzichaze njengowesifazane ozimiselayo futhi obathandayo abantu.
Uphethe ngokuveza ukuthi umculo wakhe uyatholakala kuzona zonke izinkudla ezithengisa ngomculo.







