Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Mculo 9 UKhuzani uwole izindondo ngokudayisa kakhulu

UKhuzani uwole izindondo ngokudayisa kakhulu

by | 18 May 2025

UHALALISELWE inkampani yomculo yamazwe omhlaba umculi kamaskandi uKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose ngokudayisa kahle kakhulu komculo wakhe. Lokhu kwenziwe i-Universal ngoLwesithathu ebusuku eRosebank, eGoli.

UKhuzani uklonyeliswe ngezindondo ezihlanganisa ukuthengwa komculo wakhe oshaye igolide, omunye ama-platinum ezingomeni zakhe ezikhethekile. Ngokwesitatimende esikhishwe yile nkampani okuyinkampani yabamhlophe enegamatsha naphesheya kwezilwandle, ithi ukuklomelisa kwayo umculi owenza kahle, kungenxa yokuthi izibophezele ekwesekeni umculo wesintu. Ithi izimisele ngokubona lo mculo kamaskandi nendima yawo ukhula kakhulu nasemazweni omhlaba ngaphandle kweNingizimu Afrika.


“Maningi amaqhawe asebenze ngokuzikhandla kwezomculo, kodwa sibone ukuthi ukusebenza kukaKhuzani sikuphakamise kule minyaka yakhe ewu-15 eyibambile kwezomculo ukuze lo mculo wesekwe ngendlela egculisayo,” kusho isitatimende.


Le nkampani iyona esabalalisa umculo kaKhuzani ezindaweni eziningi okubalwa nezinhlaka ezithengisa online. Ukukhishwa kwalezi zindondo, kuvela ukuthi ikwenze ngokocwaningo lwayo ibambisene nabakwaRecording Industry of South Africa (RISA). Phakathi kwezingoma okuyizona ezimenze wahlomula ngale miklomelo, kubalwa ethi “Isipoki Esingafi” eshaye i-Double Platinum, ethi “uMjolo Lowo” ethole iPlatinum, ethi “”Inja Nogodo” eshaye iGolide, ethi “Angidlali Nezingane” eshaye igolide nethi “Imbongolo” ephume kuZibandlela (December) nyakenye yathola iGolide.


Exoxa naleli phephandaba uKhuzani, uthi ujabule kakhulu uma abantu bekhombisa ukuwuthanda umculo wakhe. Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi kuyamkhuthaza ukuqhakanjiswa kwemisebenzi yakhe esaphila.


“Kubuhlungu ukuvundululwa komlando womculi nemsebenzi yakhe emihle engasayibonanga ngoba lokho akwenzi mehluko uma engasayijabulelanga esaphila. Ngiyabonga kwabakwa-Universal ngemiklomelo abanginikeze yona ngoba izinkampani eziningi zomculo ziyawafihla amagalelo omculo ngenxa yokuthi zisaba ukukhokhela umculi imali yakhe,” kusho uKhuzani. Ubonge abathandi bomculo wakhe abamesekayo. Le nkampani isayinise nabaculi bayo abasha okunguMdumazi, uMlabalaba, uMbuzeni naMasinamuva Amasha.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...