
UNGQONGQOSHE wezeMali KwaZulu-Natal, uMnu Francois Rodgers wethule isabelomali sanonyaka, eSishayamthetho sesifundazwe, eMgungundlovu ngoLwesibili ekuseni.
Kulesi sabelomali, uMnyango wezeMfundo esifundazweni; owezeMpilo; nowezokuThutha yiyona ethole ingxenye enkulu yemali ngokulandelana kwayo.
Kwisamba sesabelomali esiwu-R158,5 billion, uMnyango wezeMfundo wabelwe u-R66,7 billion. UMnyango wezeMpilo wona wabelwe u-R56,2 billion, bese ulandelwa ngowezokuThutha othole u-R13,8 billion.
UMnyango wezokuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi, ongaphansi kweHhovisi likaNdunankulu, yiwona oyibambe emsileni ngokuthola ingxenye yesabelo encane kanayo yonke iminyango. Lo mnyango wabelwe u-R275,7Â million.