Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uzigqaja ngenhlanzeko nokudla okumtoti oweMphemba’s eBulwer

Uzigqaja ngenhlanzeko nokudla okumtoti oweMphemba’s eBulwer

by | 26 September 2026

UNETHEMBA lokuvuleka kweminye iminyango ngokwethulwa komzila iMidlands2Berg owethulwe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu eMandela Capture Site eHowick, uNkz Sibongumusa Madlala oyisikhulu sendawo iMphemba’s Lounge and Restaurant ezinze eNkumba eBulwer.

UNkz Madlala ongomunye wabaphathi bale ndawo evulwe ngokusemthethweni ngo-2020 uzwakalise ukujabula ukubona izikhulu zikaMasipala iNkosazana Dlamini Zuma noMkhandlu iHarry Gwala zitheleka endaweni ayiphethe ngoLwesihlanu kulandela ukwethulwa kwalo mzila okulindeleke ukuhlomulise nezindawo ezisemakhaya.

Indawo iMphemba’s Lounge and Restaurant ingenye yezindawo ezihlonziwe ukuba zihlomule ngalo mzila oqala ngaphansi kukaMasipala uMgeni uhambe uze ufinyelele eLesotho.

UNkz Madlala uthe ngokwethulwa kwalo mzila ufisa abantu bathathe iMphemba’s njenge-1 stop lapho abazophumula khona bathole izibiliboco ezahlukene uma besaqhubeka nohambo lwabo olubheke ezintabeni zokhahlamba noma eLesotho imbala.

Uthe okuhle ngendawo iMphemba’s wukuthi igabe ngokudla kwesintu okwehlukile futhi okumnandi.

Uthe banezipesheli ezahlukene abanesiqiniseko sokuthi abantu bazozithokozela uma bekhetha ukuzoshaywa wumoya kule ndawo.

Uchaze le ndawo njengefana nekhaya lapho abantu bethola khona ukukhululeka baphinde bakhe nobungani ukuze bahlale bebuya kuyona njalo.

“Siyafisa abantu abaqhamuka ezindaweni ezahlukene basivakashele futhi siyathembisa ukuthi sizobaphatha kahle bakwazi ukutshela nabanye ngenawo yethu,” kusho uNkz Madlala eveza ukuthi bazimisele ukubambisana noMasipala iNDZ kanjani noMkhandlu iHarry Gwala ngenhloso yokuthi le ndawo iqhubeke ithuthuke njengoba isiqalile ukwakha amathuba emisebenzi endaweni.

IMeya kaMasipala iHarry Gwala uthe iMkhandlu awuholayo unezinhlelo zokuxhasa osomabhizinisi bamazinga ahlukene. “Kuyaye kube kuhle ukuthi sixhase umuntu osevele eseliqalile ibhizinisi lakhe osedinga ukulekelelwa athathe ibhizinisi lakhe alibeke kwelinye izinga.

Uyabona lapha eMphemba’s sesizibonile izinto esingakwazi ukuthi asizakale ngazo umnikazi wendawo,” kusho uNxumalo.

Ubalule uphawu lomgwaqo oluzofakwa emgwaqweni ngenhloso yokumaketha indawo kanjalo nesithuthuthu esingakwazi ukumsiza aphuthumise ukudla kumakhasimende.

“Uyabona kule ndawo kunezikole, umtholampilo, inkantolo kanjalo namahhovisi kahulumeni. Uma labantu benqena ukuzifikela mathuba bangafona abahambisele ukudla ngendlela esheshayo. Kodwa sizobambisana nayo ukuze athuthuke kuleli bhizinisi lakhe,” kusho uNxumalo.

Uthe phakathi kwezinhlelo zokusiza amabhizinisi anazo emkhandlwini olweYouth In Business, Women In Business, Disability In Business kanti muva nje usanda kwethula olubizwa ngeWidowers In Business.

Ezisematheni

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

I-Action SA ithembisa ukuvuselela ingqalasizinda komasipala

UMENGAMELI we-Action SA, uMnu Herman Mashaba uthi ayihlome ihlasele ngokhetho loHulumeni baseKhaya, njengoba ekhala ngokufa kwengqalasizinda yomphakathi athi bafuna ukuyivuselela komasipala uma benikwa ithuba. UMashaba ukusho lokhu ebethula umqulu wezethembiso...

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

Inkantolo ichithe iMK Party ngesimangalo sokhetho lwango-2024

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithwe yiNkantolo yoKhetho esimangalweni sawo, ukhala ngokuthi ukhetho lukahulumeni kazwelonke nezifundazwe lwango-2024 lwalungenabulungiswa, futhi lungakhululekile. I-MKP iye kule nkantolo ngezinsolo zokuthi kunobugebengu obenzeka...

Usale enkundleni obesolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa amabili

Usale enkundleni obesolwa kwelokubulawa kwamaphoyisa amabili

KUDUTSHULWE kwabulawa oyedwa wabalisa abayanyaniswa nesigameko sokubulawa kwamaphoyisa ophiko lweCrime Intelligence. Lo mlisa ulahlwe ngelakubo ngesikhathi ethole phezulu namaphoyisa ngenganono endaweni yaseMaplazini, eNanda, ngoLwesihlanu ekuseni. Amaphoyisa...