
ULUCHAZE njengosuku olubalulekile empilweni yakhe u-Asavela Mngqithi, obonakale okokuqala emphakathini noyise uManqoba Mngqithi ongumqeqeshi webhola likanobhutshuzwayo odumile, emcimbini wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa nokwethulwa kwenhlangano yakhe engayenzi inzuzo i-Asavela Anchor of Hope ngoLwesihlanu, eMorningside, eThekwini.
U-Asavela ongumlingisi oqavile kuleli, wethule le nhlangano kulo mcimbi obuhanjelwe yizicukuthwane ezahlukene okubalwa nalabo abasenhliziyweni yakhe. Kulo mcimbi obekukhokhwa inkulungwane yamarandi ukuba yingxenye yawo, u-Asavela ubeqala ukuthi abonakale noyise bendawonye, njengoba kuke kwabikwa izikhawu kwabezindaba ngobudlelwano obungebuhle phakathi kwabo.
Nangesikhathi lo mlingisi eshada, kwavela ukuthi uyise uMngqithi wayengekho. Uke wabhala nasezinkundleni zokuxhumana ukuthi konke akuzuzile kuwukusebenza kwakhe kanzima, akuhlangene noyise. Lo mlingisi oseke wabonakala emidlalweni okubalwa kuyo Isibaya noZalo, ugcine ngokuhlukanisa nomyeni wakhe, uVuyisa Mqokiyana.
Emcimbini wangoLwesihlanu wokwethulwa kwale nhlangano yakhe, kuvele umuzwa wobumbano phakathi kuka-Asavela noyise, njengoba bengene behambisana. Ekhuluma neLANGA ngobudlelwano bakhe noyise lo mlingisi, uthe bekuwusuku olubaluleke kakhulu.
Akafunanga ukugxila ekubonakaleni kukayise emcimbini wakhe, kodwa uqhakambise bonke abebekhona kulo mcimbi. Uthe uyalwamukela uthando alutholile kubona bonke abantu, wabonga nalabo abebemkhuthaza ezinkundleni zokuxhumana ngokusungula le nhlangano. Uthe izogxila kwezolimo, ukufuya nokutshala.
“Bese ngivele ngiqalile ukuthuthukisa abantu abasha ngalo mkhakha wokukhuthaza ezolimo njengoba kuyiyona ndlela yokuthuthukisa isizwe ngokuthi zibuyele emasisweni,” kusho yena.
Uthe usaqhubeka nokulingisa kodwa okwamanje awukho umdlalo asasebenza kuwona, usagxile kule nhlangano nenkampani yakhe yosonkontileka. Uphethe ngokuveza ukuthi se- lokhu engena kulo mkhakha, akukho athi uyazisola ngakho ngokwenzekile kuyena, njengoba eveze ukuthi yonke into yenzeka ngesizathu.







