Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuqala uphenyo ngokufa kukaLuthuli noMxenge enkantolo eMgungundlovu

Kuqala uphenyo ngokufa kukaLuthuli noMxenge enkantolo eMgungundlovu

by | 14 April 2025

KUYAQALA ukuphenywa ngaphambi kwenkantolo ngokufa kwamaqhawe omzabalazo ayelwa nobandlululo iNkosi Albert Luthuli nommeli uMnu Griffiths Mxenge eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu.

Abameli bafuna ukuthola umnyombo ngokufa kwala maqhawe omzabalazo.

Inkosi Luthuli owabe ngumholi wendabuko eGroutville KwaDukuza futhi oke waba nguMengameli we-ANC kubikwa ukuthi washayiswa isitimela ngo-1967.

Indodana yakhe uMnu Sandile Luthuli ucashunwe emthonjeni yabezindaba ethi umndeni ubuhlale unokungabaza nokungakholwa ngendlela okuvela ukuthi washona ngayo.

Ngakolunye uhlangothi uMxenge washona ngo-1981 njengoba isidumbu sakhe satholakala enkundleni yezemidlalo eMlazi. Kubikwa ukuthi wahlukunyezwa kakhulu ngaphambi kokuthi ashone.

Kuvela ukuthi ike yaba khona imizamo yokuphenya ngokushona kwakhe ngo-1983 kodwa yagcina ngokuphelela emoyeni ngenxa yokungatholakali kobenzi kobubi.

Kulindeleke ukuthi lolu phenyo oluzokwenzeka phambi kwejaji kuzothatha izinsuku eziwu-30.

Kulindeleke ukuthi phakathi kwabazokwethula ubufakazi kubekhona amalungu omndeni nabezinhlaka zamaphoyisa nongoti.

Ohola ithimba elihlanganiswe le-ANC KwaZulu Natal uMnu Jeff Radebe ukushayele ihlombe ukuqala kwalolu phenyo.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...