Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuqala uphenyo ngokufa kukaLuthuli noMxenge enkantolo eMgungundlovu

Kuqala uphenyo ngokufa kukaLuthuli noMxenge enkantolo eMgungundlovu

by | 14 April 2025

KUYAQALA ukuphenywa ngaphambi kwenkantolo ngokufa kwamaqhawe omzabalazo ayelwa nobandlululo iNkosi Albert Luthuli nommeli uMnu Griffiths Mxenge eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu.

Abameli bafuna ukuthola umnyombo ngokufa kwala maqhawe omzabalazo.

Inkosi Luthuli owabe ngumholi wendabuko eGroutville KwaDukuza futhi oke waba nguMengameli we-ANC kubikwa ukuthi washayiswa isitimela ngo-1967.

Indodana yakhe uMnu Sandile Luthuli ucashunwe emthonjeni yabezindaba ethi umndeni ubuhlale unokungabaza nokungakholwa ngendlela okuvela ukuthi washona ngayo.

Ngakolunye uhlangothi uMxenge washona ngo-1981 njengoba isidumbu sakhe satholakala enkundleni yezemidlalo eMlazi. Kubikwa ukuthi wahlukunyezwa kakhulu ngaphambi kokuthi ashone.

Kuvela ukuthi ike yaba khona imizamo yokuphenya ngokushona kwakhe ngo-1983 kodwa yagcina ngokuphelela emoyeni ngenxa yokungatholakali kobenzi kobubi.

Kulindeleke ukuthi lolu phenyo oluzokwenzeka phambi kwejaji kuzothatha izinsuku eziwu-30.

Kulindeleke ukuthi phakathi kwabazokwethula ubufakazi kubekhona amalungu omndeni nabezinhlaka zamaphoyisa nongoti.

Ohola ithimba elihlanganiswe le-ANC KwaZulu Natal uMnu Jeff Radebe ukushayele ihlombe ukuqala kwalolu phenyo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...