
UMASIPALA weTheku uthi usuluqalile uhlelo lokuqasha izisebenzi ezizobhekelela ukulungiswa kwamapayipi amanzi nengqalasizinda yendle ezindaweni eziwakhele.
Lokhu kuvezwe yiMeya yomkhandlu, uMnu Cyril Xaba (osesithombeni), esigcawini sabezindaba ngeSonto, lapho ebethula umbiko ngezinqumo ezithathwe wumkhandlu kolwengqalasizinda yamanzi. UXaba uthi umasipala unqume ukuqasha abazolungisa amapayipi ukuze kungeke kuphele isikhathi eside engalungisiwe.
“Kulo nyakamali, sizimisele ukuqasha o-plumber abangaphezu kuka-70, abazohlale bekulungele ukuyolungisa umonakalo ezindaweni ezakhele iTheku. Uhlelo lokuqashwa kwabo siluqala kuyona le nyanga,” esho.
Eyokuqashwa kwabalungisa amapayipi amanzi ike yaba yinkinga kulo nyaka njengoba osonkontileka abebenza lo msebenzi, behlale isikhathi eside bengakhokhelwa. Babika ukuthi ngemuva kwesikhathi izinkontileka zabo zanqanyulwa, kwaqashwa usonkontileka oyedwa.
UXaba uthe umasipala ubeke eceleni ama-billion okulungisa kabusha ingqalasizinda yamanzi neyendle. Ubalule u-R1,2 billion wokulungiswa kwengqalasizinda yamanzi iSouthern Aqueduct, okulindeleke ukuthi uma isilungisiwe iphakele amanzi izakhamizi zeTheku ezingaphezu kuka-1,2 million, ezakhele uMlazi, iChatsworth, iFolweni nezinye eziseningizimu yalo masipala.
Uthe umasipala uphasisa u-R791 million, wokulungisa ingqalasizinda yokuhlanza amanzi, okwakhiwa kwabusha kwayo, iMahatma Gandhi Pump Station. Le ngqalasizinda ibhekelele ukuthuthwa kwendle nokuhlanzwa kwamanzi enkabeni yedolobha. UXaba ukhale ngezakhamizi ezicekela ingqalasizinda.
“Siyacela kubahlali baseThekwini, bakubike ukucekelwa phansi kwengqalasizinda yamanzi. Lokhu kucekelwa phansi kwayo, kuholela ekutheni amanzi angafiki kwezinye izakhamizi, iminwe ikhombe umkhandlu. Lokhu kakugcini ngokuhlukumeza imiphakathi ngokungawatholi amanzi, nomasipala ulahlekelwa yizigidi zamarandi njengoba amanzi ekhokhelwa,” kusho uXaba.
Uthe umasipala uzoqhubeka nokusebenzisa amaloli athutha amanzi, njengoba ingqalasizinda ingakalungi kwezinye izindawo. Uthe umasipala uzotshala ekuzithengeleni amaloli awo ukuqeda osonkontileka abaqashisela lo mkhandlu amaloli. Phambilini lo masipala waveza kuthi usebenzise imali engaphezu kuka-R345 million ukuthenga amaloli awo athutha amanzi.







