
INTAKA ibekelwe amazolo kumaRunner Awards KZN azokuba se-Olive Convention Centre, eThekwini, ngoMgqibelo. Lo mcimbi wokuhlonipha ama-social runner ugubha unyaka wesibili kulo nyaka.
Kuzokube kuncintiswana eminxeni ewu-25, okubalwa kuwona nowokuhlonipha abezindaba noweLifetime Achievement. IRunner Awards ike yaba nezinqinamba nyakenye ngesikhathi isungulwa yiKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ngaphansi kobuholi bukaSteve Mkasi (oseshiyile kuyo) elwisana nabo. UMkasi wayethi iKZNA ibile nawoyo umcimbi wokuhlonipha abagijimi.
AbeRunner Awards bona bebethi owabo umcimbi kawuhlangene neKZNA, bona bahlonipha ama-social runner okuyiwona enza ezokugijima zisabahlose. Kuzokhumbuleka ukuthi nyekenye abanye babagijimi baphoqeleka ukuba bahoxe kuma-Runner Awards ngoba babesatshiswa ngokuthi bazojeziswa kanzima yiKZNA uma beya kuwo.
“Konke kuhamba kahle ngomcimbi wethu walo nyaka. Ama-social runner kawanakwa uma kunemicimbi yokuhlonipha abagijimi abavelele, kodwa ngeke uze ube nomjaho oyimpumelelo engekho,” kusho uSiyanda Sibiya, ongomunye wahlali balo mcimbi.
Uthe kulo nyaka abahlangananga neKZNA ekuhlelweni kwalo mcimbi.
“Sivumelane ngokuthi siqhubeke nomcimbi wethu. Kuzokuthi uma usuphelile sihlale phansi nabo. Mhlawumbe sizokuba nomcimbi omkhulu owodwa,” esho.
Utshele ILANGA ukuthi amathikithi amaningi asedayisiwe okuya kulo mcimbi, kanti zisekhona izikhala eziyingcosana ezikhona. Uthe okwenza badayise amathikithi okuya kulo mcimbi yingxenye yokuthi bantula abaxhasi. Ube eseshaya indesheni ukuba abaxhasi basondele.
Okuphawulekayo ngalo mcimbi wukuthi neLANGA liqokiwe emunxeni wabezintatheli lapho libanga khona neGagasi FM, iVuma FM nabanye. Abafuna ukuvotela intatheli yeLANGA uMzwamandla Zondi bangathumela iSMS ethi: Journalist, Mzwamandla Zondi enombolweni ethi: 37671.
Lo mcimbi uqale lapha KwaZulu-Natal nyakenye. Kulo nyaka babe nomcimbi ofanayo eGoli ngoNcwaba (August). USibiya uthe bahlongoza ukuba nomunye umcimbi ofunze lona ngonyaka ozayo eCape Town.







