
ISIHLUKU uthisha ebulawa nonina ngosuku olwandulela ukuba kuqale ukuqulwa kwecala lokudlwengula, abelivulele owayeyisoka lakhe.
ILANGA lithole ukuthi uNkz Bongiwe Buthelezi udutshulwe wa-bulawa nonina, uNkz Dayisile Buthelezi, eNkanini, eBabanango, ngeSonto.
Kuthiwa bebesekhaya, endlini kukhona namanye amalungu omndeni, kodwa ekwamanye amagumbi. Kuthiwa ubulawa ngeSonto ntambama nje, bekulindeleke ukuba ngoLwesibili kuqale ukuqu-lwa kwecala lokudlwengula abelivulele owayeyisoka lakhe.
Kuthiwa isigameko sokudlwengulwa kwakhe senzeka ngonyaka ophelile.
Umthombo okhulume neLANGA, ulitshele ukuthi umufi ngosuku okwenzeka ngalo isigameko, wala-ndwa ngowesilisa owayeyisoka lakhe esikoleni, wamthatha nge-nkani wamfaka emotweni, waha-mba naye.
Kuthiwa wafika endaweni eseduze kwedamu, wamshaya ephi-ndelela, wamphoqa ukuba akhumule, wamdlwengula.
UNkz Buthelezi wavula icala lokudlwengulwa, umsolwa wabo-shwa, wanqatshelwa nebheyili. Icala belilokhu lingena enkantolo, umsolwa engaphakathi. Kuthiwa ngoLwesibili, bekulindeleke ukuba liqale ukuqulwa enkantolo.
Umthombo weLANGA uthi: “Nakuba kungeke kuqinisekiswe ngokubulawa kwalaba, kodwa zi-khona izinsolo zokuthi ukubulawa kwabo kuhlobene necala obekumele lingene ngoLwesibili.
“Umufi ubengenazo izitha, futhi engakaze axabane namuntu. Into ebiyaziwa yicala alivulela owesilisa obeyisoka lakhe, owamdlwengula,” kusho ilungu lomphakathi.
UMnu Mkhombiseni Willie Ndlamlenze oyinduna kuleya ndawo, uthe umbiko uwuthole umonakalo sewenzekile.
Uthi uyile emndenini wakwa-Buthelezi emuva kokuba esebikeliwe isigameko.
“Esikutholile kwabebekhona endlini ngosuku lwesigameko, wukuthi kabazange bakuzwe ukuqhuma kwesibhamu, ngenxa yokuthi imvula yayina, futhi izulu liduma.
“Kasazi ukuthi ngabe ngumuntu oyedwa noma ngabantu abaningi abenza le nto ngoba akekho owabona. Cishe uyedwa umakhelwane oveze ukuthi wasizwa isibhamu siqhuma.
“Umndeni wona ukuvezile ukuthi usola obeyisoka lakhe, okuthiwa ubemvulele icala. Ibuhlungu into eyenzekile, futhi ngeke sithi ngaba-ntu bendawo,” kusho induna.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseBabanango aphenya amacala ama-bili okubulala, kulandela isigameko sokudutshulwa kwabesifazane ababili, oneminyaka ewu-40, noneminyaka ewu-60 ubudala.
Mayelana necala lokudlwengula, nelokushaya ngenhloso yokulimaza okubikwa ukuthi lavulwa ngumufi, amaphoyisa akuqinisekisile ukubo-shwa kowesilisa owaziwayo oneminyaka ewu-43 ubudala, ngesigameko esenzeka ngoMasingana (January) wangonyaka odlule.
skhom@ilanganews.co.za






