Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Unovalo umsakazi ‘onukubezwe ngokocansi ngumvangeli ebandleni’

Unovalo umsakazi ‘onukubezwe ngokocansi ngumvangeli ebandleni’

by | 1 April 2026

UTHI usathuthumela wuvalo umsakazi wesinye seziteshi zomphakathi eziseThekwini oyilungu lebandla lamaNazaretha, othi uphume ngesamagundane encelwa isitho sangasese ngowesilisa ongumgcotshwa ebandleni, emuva komhlangano wokwenyuka iNtaba eNgcwele iKhenana, ngoMasingana (January).

Lo msakazi (esiligodlile igama lakhe ukumvikela) oneminyaka ewu-18, utshele ILANGA ukuthi usesaba nokuya enkonzweni ngemuva “kokugilwa ngumvangeli”, ombizele edokodweni lakhe eBuhleni.

“Besisanda kubuya eNtabeni iKhenana, siseBuhleni, ngisedokodweni lami, ngabuzwa ngumvangeli u… (emusho ngesibongo) ukuthi sengigezile yini, ngathi bengingakagezi kodwa amanzi sengiwakhile okuthi ngigeze. 

“Ngiye edokodweni likamvangeli ngoba bengifuna noku-charger i-laptop nomakhalekhukhwini bami. Ukuya edokodweni lakhe bengingenankinga nakho, ngoba ngimjwayele futhi ubesanda kungincoma ukuthi ngiluphathe kahle uhlelo komunye umngcwabo ebesikuwona. Ngesikhathi ngiya edokodweni lakhe, bengisavunule, ngifike khona ngakhumula ngithi ngiyageza,” kusho yena.

Uthi ngesikhathi esekhumulile, umvangeli ubelokhu embuza izinto angaziqondi, kodwa enganakile, ekhululekile ngoba uhleli nomuntu wesilisa futhi ongumgcotshwa.

“Ungibuze ukuthi ngasoka kuphi, ngamtshela ukuthi emtholampilo. Uvele wavuka ngolaka, wathi, ‘niyahlupha nina bafana baleli bandla ngoba niyazi ukuthi uma uyiNazaretha kusokwa eBhekinqola, akuyiwa emtholampilo’. 

“Nginganakile ngisemanzini ngigeza, ngibone ngaye eseguqe phambi kwami esengibambe umphambili, maqede wawuphonsa emlonyeni, wawuncela. Ngithuke, ngamphusha ngambuza ukuthi le nto ayenzayo, uyenzelani. Uvele wangincenga ethi ‘sondela… (engibiza ngesithakazelo sami), ngiyakuthanda’. 

“Ngaleso sikhathi ubeseshintshile esengomunye umuntu, esho nokuthi angimgone uyangithanda. Ngigxume ngathatha isikhindi ngasigqoka ngaphuma ngabaleka, ngabikela abagcotshwa abebekwamanye amadokodo aseduze,” kuqhuba yena.

Uthe abagcotshwa bamlekelelile, bamyala ukuthi ayovula icala emaphoyiseni eMtshebheni. Okhulumela amaphoyisa kwaZulu-Natal, uSergeant Thenjiswa Ngcobo usiqinisekisile isigameko sokuhlukumeza ngokocansi. 

Uthe: “Kuboshwe indoda eneminyaka ewu-58, ngecala lokuhlukumeza ngokocansi emuva kwesi gameko okusolwa ukuthi kwahlukunyezwa kusona umfana oneminyaka ewu-18, ngowesilisa amaziyo ngoMasingana 20, 2026, eNanda. Umsolwa uvelile enkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoMasingana 26, 2026,” esho.

Lo msakazi uthe nezimpahla zakhe okuhlanganisa imvunulo, omakhalekhukhwini ne-laptop, ukulande edokodweni likamvangeli esehamba namaphoyisa, esevule icala.

Okhulumela ibandla lamaNazaretha, uMnu Thokozani Mncwabe uthe kabaphiki futhi kabavumi ukuthi lesi sigameko senzekile, kodwa kuzoba onembeza babo abazobalahla, umvangeli nenhlalisuthi.

“Njengoba uthi udaba selusemaphoyiseni, kulungile kube yiwona alusingathayo, kodwa sinxusa ukuthi inhlalisuthi le evule icala, iyolubika nasezinhlakeni zebandla ngoba kumele ludingidwe nasebandleni. 

“Akekho esimvikelayo kulona, phakathi kwenhlalisuthi nomvangeli, konke sokuzwa uma sekukhulunywa. Ngizwe ukuthi sesisaba nokuza esontweni isisulu. Kulokho sicela sibuye ngoba akekho osixoshile, ukuze sikwazi ukubika udaba lwaso ezinhlakeni ezifanele,” kusho uMncwabe. 

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...