Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

by | 23 September 2026

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo.

UTsakane ungunkosikazi kasomabhizinisi obhadle esitokisini, uMnu Vusumuzi ‘Cat’ Matlala osahamba uxhaxha lwamacala athinta inkohlakalo, ukukhwabanisa nokuzama ukubulala.

UNkk Matlala ubeboshwe nababili  okunguGiven Makofane noClaudette  Masethe anabo emacaleni abhekene nomyeni wakhe abangaphandle nhebheyili kuwona.

Bebeboshwe ngoLwesibili. Kwenzeka lokhu nje umyeni wakhe uMnu Cat Matlala akakaze ayithole ibheyili njengoba selokhu ahlala esitokisini kanti kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngenyanga ezayo njengoba esazoqhubeka nokufaka isicelo sebheyili. 

Emacaleni okuzama ukubulala abhekene noMatlala, kuthiwa wazama ukubulala owayeyintombi yakhe uTebogo Thobejane ongusaziwayo nomlingisi nokuzama ukubulala usomatekisi ohlonishwayo uMnu Joe ‘Ferrari’ Sibanyoni. Kwawenkohlakalo kukhona nelethenda yamaphoyisa ka-R360 million eyanikwa inkampani yakhe iMedicare24.

tndlovu@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

Ubanjwe eMelmoth ‘owabulala’ abangu-9 eSydenham

UBANJWE Obuka, eMelmoth umsolwa obefunelwa amacala okubulala abantu abangu-9 ezigamekweni ezimbili ezehlukene eSydenham ngo-2021. Okhulumela amaPhoyisa kwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe umsolwa ubanjwe ngoLwesithathu ebusuku wuPhiko lweMuder and Robbery...

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...