Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UCyan Boujee uqwashisa abesifazane abasebudlelwaneni obuhlukumezayo

UCyan Boujee uqwashisa abesifazane abasebudlelwaneni obuhlukumezayo

by | 18 December 2024

INTOKAZI enguHonour Zuma, edume ngelikaCyan Boujee, isiveze ukuthi ibisebudlelwaneni ebeyihlukunyezwa kubona.

Le ntokazi ifake izithombe zayo ezinkundleni zokuxhumana imabokoboko, kwezinye ivaleke amehlo, ithi yashaywa ngowesilisa eyayithandana naye. Iqwashise abesifazane ukungahlali ebudlelwaneni uma bebona bubeka impilo yabo engcupheni.

“Uma uthandana nomuntu ozizwa ungaphephile uma unaye, ikakhulukazi uma nixabele, phuma ngokushesha kulobo budlwelwano ngoba uzogcina uzithola usenkingeni,” kusho yena.

Uveze ukuthi ngelanga ashaywa ngalo yisoka lakhe, kwakufike abangani, behleli kukuhle, kanti akazi ukuthi kukhona okusina kumjeqeza.

“Ngangicabanga ukuthi ngizofa ngaleliya langa,” kusho le ntokazi engu-DJ, ubuye ibe yi-influencer.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...