Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UCyan Boujee uqwashisa abesifazane abasebudlelwaneni obuhlukumezayo

UCyan Boujee uqwashisa abesifazane abasebudlelwaneni obuhlukumezayo

by | 18 December 2024

INTOKAZI enguHonour Zuma, edume ngelikaCyan Boujee, isiveze ukuthi ibisebudlelwaneni ebeyihlukunyezwa kubona.

Le ntokazi ifake izithombe zayo ezinkundleni zokuxhumana imabokoboko, kwezinye ivaleke amehlo, ithi yashaywa ngowesilisa eyayithandana naye. Iqwashise abesifazane ukungahlali ebudlelwaneni uma bebona bubeka impilo yabo engcupheni.

“Uma uthandana nomuntu ozizwa ungaphephile uma unaye, ikakhulukazi uma nixabele, phuma ngokushesha kulobo budlwelwano ngoba uzogcina uzithola usenkingeni,” kusho yena.

Uveze ukuthi ngelanga ashaywa ngalo yisoka lakhe, kwakufike abangani, behleli kukuhle, kanti akazi ukuthi kukhona okusina kumjeqeza.

“Ngangicabanga ukuthi ngizofa ngaleliya langa,” kusho le ntokazi engu-DJ, ubuye ibe yi-influencer.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...