
UHLAKA olwengamele ukuqapha imingcele yaseNingizimu Afrika, iBorder Management Authority (BMA) luveze ukuthi lubophe abokufika ababalelwa ku-9000, abebefuna ukungena kuleli ngokungemthetho phakathi kukaMbasa (April) noNhlangulana (June) kulo nyaka.
UKhomishana weBMA, uMnu Michael Masiapato wethule umbiko wokusebenza kwalolu hlaka kwikota yokuqala yalo nyaka-mali ePretoria izolo ngeSonto.
Ethula lo mbiko uMasiapato, uveze nendlela abasebenza ngayo ukuqinisa imingcele nezindawo zokungena kuleli, ukuvimba labo abazimisele ukungena ngaphandle kwezimfanelo ezisemthethweni.
Utshele abezindaba ukuthi kusukela ngoNtulikazi (July) ka-2022, iBMA isikwaze ukunqanda abokufika ababalelwa ku-400 000, abebezama ukungena kuleli ngaphandle kwezimvume ezisemthethweni.
Uthe kwikota yokuqala yalo nyaka babophe, baphindisela emuva abawu-9000. Uqhube ngokuthi kwabokufika abawu-9954 abebezama ukungena kuleli, abawu-5826 bebenganazo izincwadi nezimfanelo zokungena kuleli kanti abawu-2127, kabavumelekile ukuthi bangene kuleli, bese kuthi abawu-2001, bavinjwe ngoba beyingozi emphakathini.
UMasiapato uphinde waveza ukuthi abaqaphi beBMA bakwazile ukubamba izimoto ezibalelwa ku-300, ebezintshontshiwe, obekunemizamo yokuziwelisela emazweni awomakhelwane.
Uthe abaqaphi baphinde bahlangabezana nama-passport anezigxivizo ezikokoteliwe. Uthe ngoLwesihlanu iBMA yethule izitembu ezintsha ezehlukile, ukuqhubeka nokuqinisa imingcele yakuleli.
Udaba lwabokufika nemingcele yakuleli lusematheni kulezi zinsuku njengoba ngoLwesihlanu bekunemashi ebizwa ngeMarch In March, yokulwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho.







