Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Usedayisa ‘amaswidi’  adambisa izifo uSbu Buthelezi ‘woKhozi FM’

Usedayisa ‘amaswidi’  adambisa izifo uSbu Buthelezi ‘woKhozi FM’

by | 6 November 2026

UGONYULUKA ngobunzima abhekane nabo ngemuva kokuxoshwa oKhozini FM, uSbu Buthelezi, osengene kwelinye ibhizinisi lokudayisa amaswidi asiza ekulweni nezifo ezahlukene.

UButhelezi waxoshwa eminyakeni emihlanu edlule kulo msakazo ayeyisilomo kuwo ngenxa yekhono nobunono ayeshayela ngabo uhlelo lwangeSonto ekuseni, iNdumiso, olwalulalelwa kakhulu kulo msakazo wakwaSABC.

Waxoshwa ngenxa yokukhononda okungapheli kwabantu ababefake imali ebhizinisini lakhe,

lezinkukhu namaqanda, i-Abombuso Investment.

Abantu bambondelana kulo, bakhipha imali esukela ku-R40 000 kuya ku-R60 000, ngoba bethenjiswa ukuthi imali izobuya isiphindiwe

ngo-100% ngemuva kwezinyanga ezintathu.

Ukungagcinwa kwaleso sithembiso, kwashubisa isimo, abantu badinwa bagana unwabu, banikela emahhovisi oKhozi FM nasekomkhulu lalesi siteshi imbala e-Auckland Park, eGoli beyoceba lo msakazi. Ngenxa yengcindezi nokuvikela isithunzi sayo

iSABC, yaphoqeleka ukuba imkhombe indlela.

Enkulumweni ekhethekile neLANGA kwelinye lamahhotela aseThekwini agudle ulwandle, uButhelezi udalule ukuthi impilo ibenzima njengoba ebengasebenzi, esephila ngokutakulwa ngudadewabo nonina ohola impesheni.

Uthi namanje isaqaqamba inhliziyo yakhe uma ecabanga ukuthi njengendoda uyakhangeza.

“Angilifuni eduze kwami ibhizinisi lento eyimfuyo, ikakhulukazi elezinkukhu ngoba langithwalisa kanzima sekufike inhlekelele yesifo se-influenza. Ngikutshela ukuthi namanje kunabantu engisapatanisa ukuthi ngibakhokhele imali abayifakayo kuleliya bhizinisi,” kusho uButhelezi oshintshe ngisho ebusweni, kwacaca ukuthi isamhlukumeza le ndaba.

Ngemuva kokusungula umsakazo olalelwa

nge- internet, iCrown Radio Pro, uthi unxenxwe nguLucky Nkosi, owayenguzakwabo oKhozini FM, ukuthi athenge isiqeshana ohlelweni lwakhe, akhangise la maswidi akwa-APLGO Supplements, athi asesize inqwaba yabantu.

UNkosi, osesakaza kwiZwi Lomzansi FM nosabuyela ebuthisheni, uthe ngokwazi ikhono uButhelezi analo lokuxhumana nabantu nobugagu, ubone ukuthi amsondeze kuleli bhizinisi eselimhambise amazwe aphesheya anjengoThailand, Dubai naseBrazil, edayisa imikhiqizo yalo.

UNkosi uthi la maswidi adambisa izifo ezifana noshukela, ama-ulcer, amaphaphu nokunye okuningi.

Mayelana nokuqala impilo kabusha uButhelezi uthe. “Ngifana nomuntu obesemgedeni ka-Adullam waseBhayibhelini. La kwiCrown Radio Pro ngizelwe kabusha, nginezinhlelo ezinqala ngalo msakazo engifuna ushintshe impilo yabantu basemakhaya nasemalokishini ngokubalethela izinhlelo ezinohlonze, sibuye sidale namathuba emisebenzi.

“Ngikhuluma nawe nje nginezinkampani eziwu-21 ezisesigabeni ze-enterprise commercial engisebenzisana nazo. Iphupho lami wukuthi ngoJune wonyaka ozayo, ngibe nama-subscribers awu-1 million.”

Ezisematheni

UShinga wethule izimoto ezidle u-R21 million zomnyango wakhe eKZN

UShinga wethule izimoto ezidle u-R21 million zomnyango wakhe eKZN

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi kwaZulu-Natal, uNkz Mbali Shinga wethule izimoto ezingu-72 zomnyango wakhe ngenhloso yokuqinisekisa ukulethwa kwentuthuko emphakathini. UShinga ubenomcimbi wokwethula lezi zimoto eMayors Walk, eMgungundlovu...

Idayise kwi-Aution ngo-R10.1 million iFerrari kaMaumela

Idayise kwi-Aution ngo-R10.1 million iFerrari kaMaumela

IDAYISWE ngo-R10.1 million esidlangalaleni iFerrari SF 90 Stradale kasomabhizinisi, uHangwani Maumela oyamaniswa necala lokuntshontshwa kwemali engu-R2 billion okungenye yemali okuthiwa yakhwatshaniswa esibhedlela iTembisa. Le moto elinganiselwa ku-R14 million,...

Kwethule uhlelo lwabokufika ukufaka izicelo zokubhaciswa online

Kwethule uhlelo lwabokufika ukufaka izicelo zokubhaciswa online

UMNYANGO wezaseKhaya eNingizimu Afrika wethule uhlelo lokuthi abokufika, abafuna ukukhoseliswa kuleli zwe, bafake izicelo zabo ngohlelo lwe-inthanethi (online). UNgqongqoshe walo mnyango, uDkt Leon Schreiber, nguyena osayine ukuphasiswa kwalolu hlelo ePretria...